izigwebo ezinzima kwizinkabi
Image: sigciniwe
ZIGIXABEZWE udilikajele umuntu ngamunye neminyaka engu-80 isihlanganisiwe, izinkabi ezimbili ezilahlwe icala lokubulala nelokubamba inkunzi ngaphansi kwezimo ezinzima.
UMuzi Sibiya (42) noNduduzo Shezi (36), bagwetshwe ngesikhathi bevele eNkantolo yesiFunda saseMgungundlovu ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda, uthe ngoJulayi 4, 2022, uSibiya noShezi nabanye abasolwa abane bagasela ePosini elisenxanxatheleni yezitolo iTugela Ferry, eMsinga.
Uthe babamba izisebenzi inkunzi, baziphuca isamba semali esingaziwa okwakuhlelwe ukuthi kuzoholelwa ngaso izibonelelo zikahulumeni.
“Baphinde babamba inkunzi izisebenzi ezimbili zePosi, baziphuca izinto zazo, bathatha nejakhethi no-ova kunogada,” kusho uNetshiunda.
Uthe babe sebengena emotoweni yokubaleka eyayipakwe ngaphandle, bashaya bachitha endaweni yesigameko.
Uveze ukuthi ngesikhathi bebaleka, baqhumisa isibhamu, kwathi owesifazane oyedwa owayeme kulayini emshinini wokukhipha imali oseduze wadubuleka wafa.
Udalule ukuthi amaphoyisa aseMsinga anikela endaweni yesigameko, maqede ajaha abasolwa.
“Bayilaxaza imoto ababehamba ngayo, babaleka ngonyawo, bengena ehlathini eliseduze. USibiya watholwa ecashe emgedeni, wabhadanywa nejakhethi no-ova nesamba semali ababeyintshontshe ngesikhathi benza ubugebengu ePosini,” kusho uNetshiunda.
Uthe kwathi uma sekucutshungulisiswa kahle ulwazi ngaye kwavela ukuthi wayengumshayeli futhi esolwa ngobunkabi endaweni yaseMsinga. Ngaleyo ndlela idokodo labe selidluliselwa ethimbeni eliphenya amacala odlame lwamatekisi, iKwaZulu-Natal Provincial Taxi Violence.
Uthe ubufakazi obabusemotweni babhekisa umkhondo ngakuShezi, uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ejele eliseGoli, lapho lwathola khona ukuthi uboshelwe icala lokubulala eliyamene nodlame lwamatekisi.
“Bobabili inkantolo inqume ukuthi abafanele ukuba nezibhamu, uphenyo ngalaba abanye abasolwa abagcina bengaboshwanga luyaqhubeka. Amaphoyisa anesiqiniseko sokuthi azobabamba,” kusho uNetshiunda.
Related Topics: