Izindaba

Ingase iphele eyokuphaswa kwezinye zezifundo ngo-30% ka-matric

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube

Image: Facebook

INGASE iphele eyokuphasa ezinye izifundo ngo-30% ka-matric njengoba uMnyango weMfundo eyisiSekelo uqoke umkhandlu ozobheka izikhalazo ngalokhu.

Lokhu kulandela ukumenyezelwa komkhandlu iNational Education and Training Council (NETC), nguNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, kuleli sonto.

Inhloso wukubuyekeza imigomo ekhona kwezemfundo bese imluleka ngezinyathelo okumele azithathe.

"Lo mkhandlu uzophenya eminye yemigomo ekhona kwezemfundo ukuthi ayikaphelelwa yisikhathi, bese ungiluleka ngokumele ngikwenze. Ngiyobe sengiwubuka umbiko bese nginquma ngezinyathelo engizozithatha," kusho uNksz Gwarube.

Kuzokhumbuleka ukuthi minyaka yonke ihlale iyindaba egudwini kumaqembu ahlukene ezepolitiki kanjalo nasezinhlakeni ezehlukene eyokuphaswa kwezinye izifundo ngo-30%.

Lezi zinhlaka zihlale zikhala ngokuthi liphansi kakhulu leli zinga ngakho kudingeke linyuswe.

Umnyango uhlale uzivikela uthi akekho umuntu ongaphasa u-matric uma ephase zonke izifundo zakhe ngo-30%.

Akuyona kuphela indaba ka-30% okuhlale kukhalwa ngayo kwezemfundo kodwa nendaba yokukleliswa kwezikole kusetshenziswa uhlelo lwama-Quintile, luhlale lukhonondisa othisha nezinyunyana.

Ngaphansi kwalolu hlelo, izikole okungakhokhwa kuzona imali yokufunda okudliwa nokudla zikleliswa kusuka ku-Quintile 1 kuya ku-3, bese kuthi lezo okukhokhwa kuzona iningi lazo ezisuke zisemadolobheni ziba nguQuintile 4 kuya ku-5.

Nemali etholwa yilezi zikole ayifani njengoba kulezo okungakhokhwa kuzona zithola imali ethe xaxa emnyangeni uma uqhathanisa nalezo okukhokhwa kuzona.

UNksz Gwarube uthe ngesikhathi engena emnyangweni wakuveza ukuthi uhlela ukuqoka leli thimba ukuze limcebise.

"Sifuna uma leli thimba lithi akushintshwe lonke uhlelo lokufunda nokufundisa, lisinike into ebambekayo ukuthi kungani kumele senze lokhu. Akulona elizothatha izinqumo ezingujuqu kodwa nje umsebenzi walo ukungeluleka," usho kanje.

Ezinye zezinto okuke kwakhalwa ngazo ngukuthi abafundi bakuleli kwaGrade 4, abakuqondi abakufundayo. 

"Kunezinselelo eziningi kwezemfundo okubalwa nabafundi abalaxaza isikole bengaqedile, ukubhacaza kwabafundi ezifundweni i-maths nesayensi, ukushoda kothisha, ingqalasinda engekho ezingeni, ukushoda kwezinsiza nezinye," usho kanje.

Uthe kuleli thimba kunongoti bezemfundo, wathi unethemba ukuthi lizokwenza umsebenzi oncomekayo ukuze kufukulwe imfundo.