Izindaba

Usomabhizinisi nemizamo yokubuyisa udumo lweJazz KwaZulu Natal

Nkosikhona Cele|Published

INGWAZI yomculo weJazz uMadala Kunene obalwa kubaculi abazoba yingxenye yomcimbi wokuqala iSunset

Image: SITHUNYELWE

UFUQA umbhidlango wokubuyisa udumo lwakudala lweJazz KwaZulu Natal usomabhizinisi, uMnuz Xolani Xulu, weSombizi Holdings.

Ukufadabala kodumo lwalolu hlobo lomculo uXulu uthe yikhona kanye okuholele ekutheni acabange ukuhlela indumezulu yomcimbi weJazz ozobe uyikhonsathi. Uzoba ngoDisemba 1, e-Albert Falls Dam, eMshwathi.

Uveze ukuthi leli khonsathi selizoba khona minyaka yonke ngethemba lokuthi lizodlondlobala.

Uthe lethiwe ngokuthi yiSunset Jazz Melodies. Amasango uthe ayovulwa ngo-1 emini.

UXulu uthe umculo weJazz phambilini ububalwa kwehamba phambili KwaZulu Natal, ethandwa kakhulu ngabantu abaningi.

Muva nje uthe luya ngokuya luyehla udumo lwalolu hlobo lomculo okuyinto athi kumele kubhekwane ngqo nayo kungakonakali kakhulu.

"Ngiyakholelwa kakhulu emculweni weJazz, yingakho sifuna ukwenza okuthile ngawo. Sikholwa wukuthi kukhona esingakwenza ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lolu hlobo lomculo luqala phansi luthakaselwa ngabantu abaningi,'' usho kanje.

Uthe emizameni yokuqinisekisa ukuthi lokhu kuyenzeka, sebeqale ubudlelwane obuqinile namaJazz Clubs ahlukene.

Uqhube wathi kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi lobu budlelwane buzodala ukuthi kugcine sekuvela ukukhanya ngalolu hlobo lomculo.

Uveze ukuthi kuyakhathaza kakhulu ukufadabala kwalolu hlobo lomculo ekubeni zisadla anhlamvana ezinye zezingwazi zawo.

Ugcizelele ukuthi kumele kusetshenziswane nazo ngenhloso yokuwakha kabusha lo mculo.

Phakathi kwabaculi athe bazobe bekhona kuleli khonsathi ubale uLinda Gcwensa, Madala Kunene, Annie Smith nabanye. Uthe bafake uSjava noRussel Zuma ukuthi nabo babe yingxenye yomcimbi.