Kusuke umsindo ngengadi yentsha eNkandla
Image: Sigciniwe
IKHALELA ukutholakala kwesixazululo intsha eyishumi yaKwaNxamalala eNkandla, amanye amalungu omphakathi evuka umbhejazana, emisa ukusebenza kwensimu eyiqale ngenhloso yokugwema ukuzibandakanya ebugebengwini.
Ngokusho kukaMnuz Sabelo Magwaza (28), okule ntsha, bahlangane ngoMeyi kulo nyaka basungula iZincinze Cooperative egxile kwezolimo.
“Ngesikhathi siqhamuka nalo mbono sasibona ukuthi abanye bethu bazithola sebebizelwa phansi kwesihlahla somganu, beyoshaywa wumphakathi ngenxa yokuzibandakanya nobugebengu. Sahlala phansi sazibuza ukuthi yini enhle, esingachitha ngayo isikhathi. Kwase kuzaleka umbono wokulima,” kusho uMagwaza.
Uthe sebevumelene, bakhetha ukuthi badayise izimbongolo ezingenamnikazi kubeSuthu ukuze bazenzele imadlana yokuqala ukusebenza. Uveze ukuthi kwathi sebeyihlanganisile imali eyanele, baya kowesifazane wasendaweni onomhlaba omkhulu angawenzi lutho, bacela ukuwusebenzisa.
“Wasivumela kalula, wathi uyaweseka umbono wethu, muhle. Saqala salima sisebenzisa zona izimbongolo eziwuvanzi. Sathenga amapayipi amanzi, sayowadonsa epayipini lamanzi elikhulu elikude nathi,” usho kanje.
Uthe kukhona owesilisa wendawo owabathembisa ukuthi uzobachushisa ngezindawo zokudayisa uma amaklabishi, abaqale ngawo, eselungele ukuvunwa. Udalule ukuthi izinkinga ziqale emasontweni ambalwa edlule, amanye amalungu omphakathi evukwa wumona, maqede akhala ngokuthi insimu yabo ibaqedela amanzi.
“Siqale sazibuza ukuthi maphi amanzi ngoba thina esichelela ngawo siwadonsa kude, asiwadonsi epayipini eliphakela umphakathi,” usho kanje.
Uthe nakuba bezamile ukukuchaza lokhu kodwa kube nhlanga zimuka nomoya njengoba begcine bebizelwa emhlanganweni obekukhona kuwo ibamba lenduna, maqede batshelwa ukuthi abame ukuchelela ensimini kusafunwa isixazululo.
“Seliphelile isonto silindile, singazicheleli izitshalo zethu. Asazi ukuthi inqubekela phambili ithini ngoba uma sibuza kulokhu kuthiwa asilinde,” usho kanje. Uthe okubakhalisayo wukuthi izithukuthuku zabo, betshala izithombo zamaklabishi awu-4000, zizoba yize leze.
Uveze ukuthi okunye okubaphatha kabi wukuthi abangahambisani nensimu, sebelwisa ngisho nowesifazane owabanika indawo yokutshala.
“Asazi ukuthi yini kanti okufanele siyenze ngoba sasizitshela ukuthi yindlela ekahle lena yokugwema ukuzibandakanya nezinto ezingalungile emphakathini. Manje uma sesilwiswa kanje, asazi noma bafuna abanye bethu babuyele ebugebengwini yini,” kubuza uMagwaza.
Uthe lokhu bakubona njengempi ebhekiswe kubo beyintsha ezizamela into enhle. Uqhube wathi babona sengathi sekuvuka umona kulabo asebezama ukulwa ngamanzi, bebona ukuthi into yabo yokutshala iyaphumelela.
“Siphatheke kabi ngempatho esiyithola kwabazama ukusinqinda emphakathini. Sifisa ubuholi bendawo busilekelele ixazululeke le ndaba ngoba siyawuthanda umsebenzi wethu wokutshala,” usho kanje.
Uthe abakufisayo wukuthi batholelwe imvume esemthethweni yokuthi bazidonsele awabo amanzi epayipini elikhulu ukuze kungabi bikho muntu ozobalwisa uma sebephethe imvume ngesandla. Uthe i-co-op yabo inamalungu aneminyaka ephakathi kuka-14 no-28. Kuwona uthe kunabayisishiyagalombili abasafunda bese kuthi ababili okukhona kubo naye, sebasiqeda isikole.
Uveze ukuthi abafundayo bavuka bayochelela ekuseni ngaphambi kokuya esikoleni, uma bebuya, baphinde bashone khona okwenza sibe sincane isikhathi sokubandakanyeka ezintweni ezimbi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Philani Nkwanyana likuqinisekisile ukuthi kukhona uthuthuva emphakathini ngenxa yensimu.
“Kuyiqiniso ukuthi ayikho into ezilwiselwa yona lezi zingane,” kusho uNkwanyana.
Uthe umphakathi uhlukene phakathi ngoba bakhona abayesekayo intsha ngalokhu ekuqalile, ngakolunye uhlangothi kube khona abangayifuni.
“La manzi abathi ziyawathatha, bayazisukela ngoba ipayipi alihlangene nhlobo nelamanzi omphakathi. Kuvele kwasuka umona nje,” kusho uNkwanyana.
Related Topics: