OLAHLWE yicala lokubulala uninakhulu, u-Andile Vilakazi
Image: ZIMBILI VILAKAZI
UKUBE kuya ngesifiso somndeni wesaguga saseMthebeni, eNdwedwe, esabulawa ngesihluku umzukulu, ubezofela ejele aphume ngebhokisi.
Lokhu kushiwo umndeni ngaphandle kweNkantolo yesiFunda saseVerulam, izolo, emva kokugwetshwa kwakhe udilikajele.
U-Andile Vilakazi (29), ugixabezwe ngezigwebo ezinzima emacaleni amane alahlwe ngawo yinkantolo.
Kuwona kukhona elokubulala, amabili okuzama ukubulala kanjalo nelokushaya ngenhloso yokulimaza.
Kwelokubulala ugixabezwe ngodilikajele, kwamabili okuzama ukubulala wanikwa iminyaka engu-15 icala ngalinye, kwase kuthi kwelokushaya ngenhloso yokulimaza, wanikwa iminyaka eyishumi.
Izigwebo zakhe uzozidonsa kanyekanye.
Inkantolo iphinde yanquma ukuthi akumfanele ukuba nesibhamu, yayalela nokuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabantu okungafanele basebenze endaweni enezaguga.
Iphinde yanquma nokuthi mhla sekumlungele ukudedelwa ngoshwele, kuyofanele aboMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo baqalae babuze umndeni ukuthi uyafuna yini ukuthi adedelwe.
Ngosuku lwesigameko, uSepthemba 7, 2024, u-Andile washaya uninakhulu uNkk Sibongile Vilakazi (70), ngesitini nangesando waze wafa.
Kuleso sigameko, washaya ngenhloso yokulimaza umalumekazi wakhe, uNksz Zimbili Vilakazi.
Waphinda washaya ngesitini nangesando uyisemkhulu wakhe kanjalo noyise uMnuz Bongani Vilakazi.
Omunye umalumekazi wakhe uNksz Thokozani Vilakazi, uthe bayasamukela isigwebo ngoba singesokugcina kwezikhishwa yizinkantolo emacaleni okubulala.
“Ngoba iwona (udilikajele) onikezwa a benze amacala anje, akukho esingakwenza ukudlula lapho. Ukube kuya ngathi ngabe ufela khona, aphume ngebhokisi, eseyongcwatshwa,” kusho uNksz Vilakazi.
Ugcizelele eyokuthi bayayisaba eyokuphuma kwakhe ngaphandle mhla esevumelekile ukuthi adedelwe ngoshwele.
“Njengoba wayesho ukuqeda ngomndeni ngosuku lwesigameko, cabanga ke ukuthi angaphuma enzeni uma esededelwe,” kusho uNksz Vilakazi.
Uveze ukuthi inkosi yesizwe yayithe ayisamdingi endaweni ngemuva kwesigameko.
Uthe lokhu kusho ukuthi ukuthi ngisho esededelwa ngoshwele, akanayo indawo yokuhlala endaweni njengoba adingiswa.
Uqhube wathi kwaba yisilonda kubona ukuthi u-Andile abulale uninakhulu, owayefana nonina kuye.
“Ukhuliswe wuye, efika ekhaya enezinyanga ezimbalwa. Umama ambelethe aye naye emajalidini. Uthe eqambe evula amehlo, uwavulele kumama, emupha lonke uthando kodwa ekugcineni wambulala ngesihluku,” kusho uNksz Vilakazi.
Uveze ukuthi u-Andile unomlando wodlame njengoba eseke washaya uyisemkhulu wakhe ngetshe, waze wayotishwa esibhedlela.
Ngesikhathi imgweba imantshi uNksz B Mpungose, ithe akakaze akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe.
“Wenza isihluku esikhulu. Asikho isaguga okufanele sibulawe, angiphathi ke ngesihluku esinje, sibulawa umzukulu waso,” kusho uNksz Mpungose.
UNksz Mpungose uthe abantu abasebenzisa izikhali eziyingozi nabangakwazi ukulawula ulaka lwabo, kufanele babhekane nengalo yomthetho.
Uthe lesi sigwebo asinike u-Andile uyazi ukuthi ngeke sisambuyisa umufi, wathi namanxeba avuleka emva kwesigameko ngeke avaleke kodwa kubalulekile ukuthi kwenzeke ubulungiswa obuthumela umyalezo oqinile nakulabo abasacabanga ukwenza ubugebengu obufanayo.
Related Topics: