Izindaba

Iyangikhathaza eyokungayinameli komuntu wami eyokuqhamuka ngaphezulu

Published

Woza ngaphezulu

Image: Ketut Subiyanto/pexels

Umbuzo 

MAGUMEDE ngifihle elawini lakho. Nginenkinga nomuntu wami ave engakuthandi ukuba ngaphezulu uma sisenkonzweni yasekameleni. Uma kwenzekile ufika kahle kuvuthondaba kodwa uyavilapha angazi ngingamnqoba kanjani  mina ngiyayithanda le ndlela yokwenza.

Impendulo 

KUMELE ukuqonde ukuthi akusibo bonke abantu besifazane abathanda futhi abanomfutho wokuba ngaphezulu uma kwenziwa inkonzo yasekamelweni. Abanye bayahluleka futhi bayashesha ukukhathala. Kungakuhle ulekelelane nophathina wakho uma kwenzekile waba ngaphezulu ukuze engazoshesha ukukhathala. Mkhuthaze ukuthi anyakaze embhedeni ukuze ajwayele.