Izindaba

Itholwe ishonile ingane ebithunjelwe u-R60 000

Zimbili Vilakazi|Published

UMFULA uMlaza

Image: SIBONELO NGCOBO

SITHOLWE, sintanta emfuleni isidumbu sengane yomfana yakwa-Q, eMlaza, ebithunjiwe.

Ngokusho kwamaphoyisa aKwaZulu-Natal, isidumbu sikaNtobeko Xaba (5), sitholwe sisongwe ngejakhethi ngaphansi kwebhuloho kule ndawo.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe umsolwa - naye oseboshiwe - uyiphonse ebhulohweni ingane.

"Umsolwa uboshwe amaphoyisa ebhace eMzimkhulu, ngoLwesithathu ebusuku," kusho uMagwaza.

Kulesi sigameko, umufi wanyamalala ngoLwesihlanu, eyodlala nezingane ezingangaye endaweni.

Emva kokunyamalala kwakhe, kungene umyalezo oshaqisayo kunina, obuthi sekuyisikhathi sokuthi akhokhe ngobuhlungu abuzwisa umsolwa ngo-2020, waze walahlekelwa yingane.

Umsolwa ube esefuna imali engu-R60 000 uma umndeni ufuna ukuthi ingane ibuye iphila.

Umkhondo ugcine ukhomba owesifazane wakwamakhelwane, okuvele ukuthi emva kokuthumba ingane, waya nayo emijondolo engakwaJeena, khona eMlaza, wadlulela kubo eMalukazi, lapho abonakala eya nayo ngasemfuleni.

Liqale isonto engasabonwa nangalukhalo, kwavela ukuthi ubalekele eNanda, nokho ugcine ebanjwa eMzimkhulu.

Umsolwa uzobekwa icala lokubulala nelokufuna imali njengoba ayefuna u-R60 000.

Isolezwe libike kabanzi ngalolu daba kanti imizamo yokuthola umndeni ayiphumelelanga izolo ntambama.