Izindaba

Ngisize MaGumede, sengifisa ukuyeka ukukhanukela abafazi babantu

Distance Gumede|Published

Inkanuko

Image: krakenimages.com / Freepik

Umbuzo:

MAGUMEDE, ngingowesilisa onenkinga yokuhalela abafazi babantu ngendlela exakile. Nginaye umuntu engithandana naye okungowami kodwa akufiki ukuthi ngimlobole, kunalokho ngizishelela abafazi babantu bangiqome ngizilalele nabo.

Ngikhuluma nje, nginababili engijola nabo, amadoda abo akhona kodwa bathi beneliswa yimina kakhulu. Okungikhathazayo ukuthi silala ngaphandle kwejazi lomkhwenyana, sengike ngazama ukuphuma kule nkinga kodwa akuphumeki MaGumede. Kunalokho, uma ngike ngabona owesifazane efake indandatho livele linyakaze kancane lize lime, ngigcine sengizijubile ngashela. Abangani bami bathi nginomuthi ngendlela abafazi babantu abangithanda ngayo. Ngisize MaGumede, sengifuna ukuphuma kule nto ngingaze ngibanjwe ngibe senkingeni.

Impendulo:

BHUTI othanda abafazi babantu, ukube angiqashelwanga ukusiza abantu ngabe ngithi wena ufuna induku nje kwaphela ngoba uyaganga kodwa-ke ngoba umsebenzi wami akukhona ukujaja abantu, ngizokusiza.

Le nto isemqondweni kuwe njengoba wayiqala wena uyoyiyeka wena futhi, angiqondi ukuthi ukuphi umehluko kowesifazane ofake indandatho nongayifakile ngoba inkomo iyafana? 

 Kungani ufuna ukudla izithukuthuku zamanye amadoda? Ngicela uyiyeke leyo nto ngoba uma ungabanjwa wena ungofileyo, bhuti wami. Landa umuntu wakho uzohlala naye eduzane yikhona uzoyeka ukuhashukela abantu babantu. Zama nokuchitha isikhathi esithe xaxa naye noma uhamba uhambe naye ebese naye umfaka iringi ngoba kuyacaca ukuthi indaba ineringi.

Ungenzi into ongeke uthande yenziwe kuwe ngoba nawe ngeke uthande bakuphingele umfazi, yekela ukuganga!