imali
Image: Nadine Hutton / Bloomberg
UKHATHAZEKILE umndeni wakwa-Q, eMlaza, kuphela izinsuku ingatholakali ingane (5) enyamalale ngendlela engaqondakali, maqede kwangena umyalezo othi kufuneka u-R60 000 ukuze ingabulawa.
UNtobeko Xaba, oyingane yomfana, kuthiwa uduke ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi eyodlala nontanga yakhe.
Ngokusho kukagogo wakhe ohlangothini lwakubo kayise, uNkk Thandekile Xaba, uthe kuze kwabonakala sekuhwalele ukuthi udukile.
“Kufunwe yonke indawo, wangatholakala. Entathakusa ngoMgqibelo, unina uthole umyalezo kuWhatsApp uthi ‘sesifikile isikhathi sokuthi ukhokhe njengoba wangihlukumeza ngo-2020, ngaze ngalahlekelwa yingane, ngifuna u-R50 000 uma ufuna ingane yakho ibuye iphila’. Komunye umyalezo lo muntu uqhubeke wamyalela ukuthi angabenzi ‘ubulima’ ayifake ebhange imali, akayithumele nge-eWallet yaseFNB noma enze uCash Send,” kusho uNkk Xaba.
Uthe baphuthume emaphoyiseni beyobika kwathi uma elandelela inombolo, kwavela ukuthi idonsa emijondolo engakwa-Jeena.
Kuvela ukuthi unina wengane uveze ukuthi umuntu amaziyo ohlala kule mijondolo wumalumekazi wayo
Kuvela ukuthi amaphoyisa abesaqhubeka nokuphenya lolu daba ngesikhathi uNkk Xaba ethola umyalezo ekhanseleni lendawo ngeSonto, limthumelela i-voicenote yowesifazane ohlala emijondolo efanayo, ethi ake kuphenyisiswe ngoba kufike owesifazane ehamba nengane yomfana eneminyaka efanayo, ekubeni yena aziwa ngokuthi uneyentombazane.
“Sithe abasithumelele isithombe sayo, okuthe uma sifika sabona ukuthi uyena uNtobeko. Siphuthume khona, kodwa safika esehambile owesifazane. Sithe uma silandelela kwavela ukuthi unekubo eliseMalukazi, okuyilapho esithole khona ukuthi empeleni wumuntu esimaziyo, ongumakhelwane wethu kwa-Q ngoba unomjondolo ahlala kuwo eduze kwalapho okuhlala khona ingane nabazali bayo,” kusho uNkk Xaba.
Uthe sebenikele eMalukazi bafike bathola ulwazi olushaqisayo lokuthi kukhona isihlobo esimbone ebelethe ingane emhlane, eya ngasemfuleni osendaweni, kodwa wabuya esehamba yedwa.
“Ngeshwa thina sifike khona engasekho, odadewabo uma bemfonela esebatshela ukuthi useNanda,” kusho uNkk Xaba.
Uthe bakhathazekile njengoba ingane namanje ingakatholakali.
Uqhube wathi okubakhathaza kakhulu yilolu lwazi lokuthi kungenzeka ukuthi ingane umsolwa uyiphonse emfuleni.
“Kusukela izolo (uMsombuluko), sivuka nomndeni nomphakathi siyokanisa eduze komfula, ngethemba lokuthi sizoyithola ingane,” usho kanje.
Uthe namaphoyisa abethembise ukuthi azoletha izinja ezifuna umkhondo ngephunga emfuleni ngoMsombuluko, kodwa bekungakaze kwenzeke.
“Sesikhathazwa nawukuthi sibonile amaphoyisa eshesha elandela umkhondo wenombolo umsolwa athumela ngayo umyalezo ngoMgqibelo kodwa asikawaboni elandelela eNanda lapho efonele odadewabo phambi kwethu, esho ukuthi usebalekele khona ngoba uzwa kuthiwa abantu bathi untshontshe ingane,” kusho uNkk Xaba.
Uveze ukuthi unina wengane wayengazani nomsolwa ngo-2020 abewubalula emyalezweni weWhatsApp.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, usiqinisekisile isigameko, wathi amaphoyisa aseMlazi ophiko lwe-Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS), aphenya icala lokuthumba nelokuphanga.
“Udaba lwabikwa emaphoyiseni ngoMgqibelo, seluyicala lokuthumba ngoba bese kukhona imiyalezo efuna imali enguR60 000 ngodli. Amaphoyisa ophiko lwe-FCS asaphenya,” kusho uMagwaza.
Related Topics: