The National Student Financial Aid Scheme (NSFAS)
Image: Independent Newspapers
BAZALELWE yinja endlini abakweleta isikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), njengoba bezodluliselwa kwabaqoqa izikweletu ukuze babuyise le mali.
Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu salesi sikhwama uMnuz Waseem Carrim odalule ukuthi lesi sikhwama sikweletwa uR45 billion, okuyimali eyasiza abaxhaswa ngaphambi kuka-2018.
"Abanye bakweleta lesi sikhwama sisabizwa ngeTertiary Education Fund of South Africa (TEFSA) phambilini. Yize kunzima kwiNSFAS ukuqoqa izikweletu kodwa ngeke sihlale singayiqoqi imali esikweletwa yona," usho kanje.
Uthe uyazi ukuthi inqwaba yabakweletayo isiyatohoza kodwa ayifuni ukukhokha.
"Umuntu owaxhaswa, wathola iziqu osesebenza manje kumele ayibuyise imali axhaswa ngayo. Le mali izosiza ukuxhasa abanye abadinga usizo. Esifuna bakhokhe asebehola uR30 000 kuya phezulu. Imali abazoyibuyisa izoya ngokuthi bahola malini."
Usihlalo weNSFAS uDkt Karen Stander, uthe baqoke izinkampani ezizoqoqa izikweletu.
Lezi zinkampani yiKhumalo Masondo Attorneys Incorporated, New Integrated Credit Solutions (Pty) Ltd (NICS), Ncube Incorporated Attorneys, Morkalio Revenue Solutions (Pty) Ltd neQLink Holdings (Pty) Ltd.
'Sifuna abaqashi bazi ukuthi lezi zinkampani yizona ezisemkhankasweni wokuqoqa izikweletu. Imali kumele ifakwe kwi-akhawunti yeNSFAS kuphela, hhayi kwenye. Sikhulu isidingo sokuxhaswa kwezitshudeni zakuleli."
Ukhale ngokunyuka kwesibalo sabadinga ukuxhaswa, ukubiza kwezinto kanjalo nokwehla koxhaso oluvela kuhulumeni okwenza babe nengcindezi ngasemalini kwiNSFAS.
"Ezinye izitshudeni azikwazanga ukubhalisa ngenxa yalezi zinselelo. Sishoda ngoR10.6 billion esabelweni sokuxhasa izitshudeni kanti sixoxa noMnyango weMfundo ePhakeme mayelana nokuthi sithole uchatha ukuze sixhase ezinye izitshudeni."
Uveze ukuthi baxhase izitshudeni ezingu-783 000 kulo nyaka, ezingu-576 000 zisemanyuvesi kuthi ezingu-206 000 zisemakolishi amaTVET.
Esithangamini nabezindaba kuleli sonto abalesi sikhwama baveze ukuthi bathole izikhalo zabachithwe wuxhaso ezingu-87 121 zabenza unyaka wokuqala, kwachithwa ezingu-14 700. Zingu-5 915 ezisabuyekezwa, ezingu-38 243 zigunyaziwe, kanti kwezinye kusalindwe eminye imininingwane.
Related Topics: