Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLT General Nhlanhla Mkhwanazi.
Image: Oupa Mokoena Independent Newspapers
AZOBUYISELWA KwaZulu-Natal amadokodo abalelwa ku-121, aphucwa ithimba lamaphoyisa elaliphenya ngokusocongwa kosopolitiki kulesi sifundazwe.
Imibiko yamaziko ezindaba izolo, ahambele ingqungquthela ye-Interpol eKapa, iveze ukuthi lawa madokodo azobuyiselwa kuleli thimba.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, watshela izwe ngokuthi la madokodo athathwa ayiswa ePitoli, ukuze kuvikelwe abathile.
UMkhwanazi wathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, wafaka unyawo lwekewu ekusebenzeni kwamaphoyisa ngokukhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe leli thimba elaliphenya kulesi sifundazwe, kwashaqwa namadokodo ayiswa ePitoli.
Wasola uMchunu ngokuvikela abathile okubalwa nosomabhizinisi uMnuz Vusimuzi “Cat” Matlala.
URamaphosa wahlabisa uMchunu ikhefu emva kwalezi zinsolo zikaMkhwanazi ezizophenywa nayisigcawu sasePhalamende.
Related Topics: