Izindaba

Abamatekisi abajiki ekunyuseni imali yokugibela eKZN

Simangaliso Ntshangase|Published

ABEMBONI yamatekisi bathi abajiki ngeyokunyusa imali yokugibela kusukela ngoMsombuluko

Image: ARMAND HOUGH/INDEPENDENT NEWSPAPERS

ABEMBONI yamatekisi KwaZulu-Natal sebeqinisekise ukuthi kabajiki ngesinqumo sabo sokwenyusa imali yokugibela amatekisi kulandela ukuvungama kwabantu emva kokusabalala kwemibiko yokuthi imali yokugibela izonyuka kusukela ngoMsombuluko, ezindaweni ezahlukene ezakhele isifundazwe.

Lokhu kudalulwe okhulumela inhlangano yabamatekisi iSantaco esifundazweni, uMnuz Sfiso Shangase, othe kuwumgomo wabo waminyaka yonke wokuhambisana nezindleko ezihlale zikhuphuka.

“Imali yokugibela ihlale inyuka njalo ngoJulayi kepha kulokhu asikwenzanga lokho ezindaweni ezithile esifundazweni ngoba sithi sizama ukuzwelana nabagibeli ngoba bangamakhasimende ethu njengoba size sinquma ukuzoyinyusa manje. Akusikho ukuthi yingoba singazwelani nabo kodwa yingoba nathi sinezindleko okudingeka ukuthi sibhekane nazo njengoba lena kuyindlela esiziphilisa ngayo ezweni,” kusho uShangase.

Uthe ngaphambi kokuba bafinyelele kulesi sinqumo baqale babonisane nezinhlaka ezithile zobuholi bomphakathi kubalwa amakhansela nezinduna kwezinye izindawo ukwenzela ukuthi uma sekufikwa esinqumeni esinjena, kungabi yinto entsha kuwo wonke umuntu.

“Kanti futhi uma uqhathanisa ukwenyuka kwezindleko zansuku zonke emhlabeni uzobona ukuthi indlela esinyusa ngayo intengo yokugibela ayiyimbi ngale ndlela abanye abantu abangabuka ngayo. Kunalokho sisaqhubeka nokushayeka ezintweni eziningi ngoba kuningi esibhekene nakho njengoba kudingeka ukuthi sikhokhele abasebenzi bethu, sikhokhele zona izithuthi futhi sikwazi ukuphilisa imindeni yethu kule mali engekho,” usho kanje.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhalile ngokuthi le mali iyanyuka ekubeni isimo somnotho singesihle.