Izindaba

Utholwe emakhazeni enamanxeba okushaywa owabikwa njengolahlekile

Nonkululeko Nhlapo|Published

USthembiso Jali

Image: Facebook

NgeSonto umama oneminyaka engu-65 ubudala wanikela kwabeReaction Unit South Africa (RUSA) edinga usizo lokuthola noma isidumbu sendodana yakhe elahlekile, ugcine eseyithola ishonile. Umndeni kaSthembiso Micheal Jali, 36, watshele onogada bale nkampani ukuthi bathola izindaba zokuthi  ishayiwe walayishwa ebhuthini yemoto emhlophe yohlobo lwe-Toyota Etios enkabeni yedolobha laseVerulam.

Babazisa ukuthi sekuphele amasonto bethungatha uJali owaziwa ngelikaBruce/Sthe ngemuva kokubika ukuthi udukile kwaSouth African Police Services (SAPS). Babe sebeqala ukuthungatha isidumbu sakhe ngesikhathi bethola ulwazi lokuthi ushaywe waze washona ngenxa yokuhluleka ukukhokha isikweletu njengoba kukholakala ukuthi wayengumuntu odla izidakamizwa. AbeRUSA basabalalise isithombe nolwazi ezinkundleni zokuxhumana efuna usizo lomphakathi ngemuva kokuthi umama wakhe ogulayo enxuse ukuthi kubuyiswe isidumbu sendodana yakhe. Lingakapheli ihora iRUSA ithole ulwazi ngeposi  nencazelo efanayo neminyaka yobudala itholwe ngo-13:00 ngoJulayi 24, 2025 ku-Seaward Road e-Clairewood - KZN.

Umndeni wabe usuthinta amaphoyisa akwaBellair SAPS eKZN wabe eseqondiswa emakhazeni kahulumeni ePinetown eKZN lapho kuhlonzwe khona isidumbu sikaSthembiso Micheal Jali. Isidumbu sitholwe sinamanxeba amaningi avulekile okukholakala ukuthi besishaywe ngesiswebhu nezinye izinto ezingaziwa.