Kubhidlizwe imijondolo eyakhiwe endaweni engafanele
Image: Sithunyelwe
Eminye imindeni ehlala emijondolo e-Alexandra, eGoli, ivuke umbhejazana ifuna enye indawo yokuhlala ngemuva kokubhidlizwa kwezakhiwo zayo.
Umasipala uthe sekunesikhathi eside utshela le mindeni eyisikhombisa ukuthi isuke kule ndawo eyakhe kuyo ngokungemthetho phezu kwezintambo zikagesi, amapayipi amanzi kanye nepayipi lendle.
Ukudilizwa kwezindlu kuyalelwe yikhansela lewadi uMnuz Tefo Raphadu, othi abahlali baxwayisiwe ngaphambi kokuthi kuthathwe izinyathelo. NgoLwesibili, kuye ngamagama enkehli kudilizwa imizi eyisikhombisa e-Extension 7.
Ngesikhathi kubhudlizwa, kugqame ukuthi bese kuvaleke umgwaqo futhi bekwakhiwe phezu kwepayipi lamanzi eliwugqinsi. Kuthiwa abahlali bebakhe amabhuloho esikhashana, zisebenzisa izicabha zakudala ukuze zikwazi ukuwela ezindlini zazo.
Omunye wabahlali kule ndawo, uNksz Nonsikelelo Ndlovu, utshele abezindaba ukuthi
ikhansela lifike kungazelelwe ekuqaleni kwaleli sonto laqala nokudiliza izakhiwo zabo.