Izindaba

Ukhala ngokucotha kwecala umndeni wowesilisa 'owabulawa' yizihlobo

Zimbili Vilakazi|Published

Umndeni ukhala ngonyawo lonwabu ecaleni lowaphonswa ethoyilethi

Image: SIgciniwe

UNENGEKILE ngokubambezeleka kwecala umndeni wowesilisa okuthiwa wabulawa yizihlobo ngesihluku nyakenye eMolokohlo, eNdwedwe, kuphinde kuhlehla icala eNkantolo yesiFunda saseVerulam.

Kulesi sigameko okukholakala ukuthi senzeka ngoJulayi nyakenye, kwabulawa uMnuz Nkosikhona Vilakazi (25), maqede kwaboshwa uMnuz Enock Cele nendodana yakhe uMnuz Sabelo Cele. 

UVilakazi kuthiwa wayegcine ukubonwa ephila ngoJulayi 21, 2024, eyothenga okuthile esitolo sendawo.

Isidumbu sakhe sagcina sivundululwa ethoyilethi lomgodi emzini wabamangalelwa ngo-Agasti 21, 2024, emva kokuthi bekhombe lapho babesiphonse khona, maqede badiliza izindonga zalo, bezama ukugqiba ubufakazi. Emva kokukhomba indawo yesigameko, zabe sezibakhalela. 

Izolo umndeni othi usugqigqe ezinkantolo isikhathi eside, ubulindele ukuthi kube khona inqubekela phambili kuleli cala.

Ngokusho kukamalume kamufi, uMnuz Mboniseni Ngiba, bebenethemba lokuthi kuzomenyezelwa ukuthi lizoqala nini ukuqulwa icala.

Nokho akubanga njalo njengoba uMshushisi woMbuso uMnuz Ntuthuko Mngadi, ephakamise ukuthi lihlehliswe icala njengoba kusekhona izitatimende okusafanele azidlulisele kummeli wabamangalelwa. 

Ummeli wabo, uMnuz Denvar Reddy,  uthe lokhu kuzomnika nethuba lokuthi athi ukuxoxa nabamangalelwa, ukubalungiselela ukuqala kokuqulwa kwecala. 

IMantshi uNksz B Mpungose, ibe isilihlehlisela u-Okthoba 2, 2025 icala, ukuze kukhishwe izinsuku elizoqulwa ngazo.

UNgidi  uthe kuyabamangaza ukuthi kungani kulokhu kuba khona ukubambezeleka ecaleni ngoba abamangalelwa bazikhombela bona lapho babegqibe khona isidumbu sikamufi. 

“Kwambiwa, kwaphuma isidumbu salo muntu esasimfuna. Manje asigculisekile ngokushaya kwecala ngonyawo lonwabu ngoba asazi ukuthi inkinga ikuphi,” kusho uNgidi.

Uthe ngokwabo kufanele ngabe abamangalelwa sebeze bagwetshwa nokugwetshwa.

“Sekuphele unyaka ngoba isigameko esangoJulayi kuya ku-Agasti nyakenye,” usho kanje.

Isidumbu sikamufi satholwa emva kwenyanga, sikhonjwa abamangalelwa emva kokuthi umphakathi uvuke umbhejazana uqeda kuthola umkhondo ngesigameko.

Khonamanjalo, inkantolo efanayo, ilihlehlisele inamuhla icala lokubulala isaguga  elibhekene noMnuz Andile Vilakazi waseMthebeni, eNdwedwe.

Esigamekweni, kwafa uNkk Sibongile Elizabeth Vilakazi (70), (uninakhulu kamsolwa) ummangalelwa emgximfa ngesikhali esingajicile. Kuthiwa wahlaselwa ngokushaywa kuphindelelwa ngento engacijile okusolwa ukuthi kwakuyisitini noma isando.

Izolo bekufanele inkantolo yethule ukwahlulela kwayo kuleli cala.

IMantshi uNksz Mpungose, ithe icala lihlehliswa ngenxa yobuningi bamacala abezolalelwa yinkantolo izolo, wathi wusuku lwanamuhla oluzoba kahle ukuthi inkantolo yethule ukwahlulela kwayo.

Ngosuku lwesigameko, umsuka kuthiwa kwaba wukuthi isihlobo sikammangalelwa, senza esasingajwayele ukukwenza, sifudumezela umsolwa ukudla efika ebusuku ebuya ‘ezindaweni zakhe’.

Kuthiwa umsolwa wasibuza isihlobo ukuthi kungani senza into esingayenzi, wasishaya.

Kwavela ukuthi umufi nomyeni wakhe (umkhulu) baphuma egumbini labo lokulala bethi bayolamula kanti ummangalelwa uzobahlasela nabo. 

Kuthiwa umufi waphangalalela kuveranda wendlu. Kwavela nokuthi ngesikhathi sekubizwa uyise kamsolwa okuthiwa isigameko senzeka elele endlini yakhe, naye wahlaselwa ngummangalelwa, walimala.