Omunye wabashayeli abalimele behlaselwa KwaDabeka.
Image: Facebook
UMPHATHISWA wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, uthi uzibophezele ukuthatha izinyathelo zokuqinisekisa ukuthula nozinzo embonini yezokuthutha.
UDuma usho lokhu kulandela ukudutshulwa kwabashayeli ababili bezimoto ezikhokhelwa ngebanga, ehostela e-KK KwaDabeka.
Lokhu kwenzeka-nje abashayeli balezi zimoto basazikhotha amanxeba ngokushiswa nemoto komunye uMnuz Mthokozisi Mvelase, esehlakalweni esenzeke enxanxatheleni yezitolo iMaponya Mall, eSoweto.
"Ngifuna ukubaqinisekisa ukuthi sizosebenzisana noKhomishana wamaPhoyisa e-KZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuqinisekisa ukuthula nozinzo. Sike saxhumana nobuholi bomkhandlu we-e-Hailing waKwaZulu-Natal. Kumanje basesiteshini samaphoyisa KwaDabeka nezisulu. Ubuholi buthembise ukusebenzisana nami kanye nabanye ababambiqhaza ababalulekile ukuze siqinisekise ukuthi asiboni ukuchitheka kwegazi okungaphezulu kanye nokubhebhetheka kodweshu," kusho uDuma.