v
Image: Sigciniwe
USELE nemibuzo engenazimpendulo umndeni wowesilisa waKwaSithebe, eMandeni, owanyamalala ngoDisemba 2023, ongcwatshwe esengamathambo ngempelasonto.
Amathambo kaMnuz Siya Makhoba, owayeneminyaka engu-39 ngesikhathi ehlelwa umshophi, agcine engcwatshwa wumndeni ngoMgqibelo, kulandela ukubuya kwemiphumela yolibofuzo eqinisekisa ukuthi uye ngempela.
Umfowabo kamufi, uMnuz Khobs Makhoba elandisa ngesigameko, uthe kwakunguNovemba 2023, ngesikhathi omunye wabaholi bomphakathi emhudula ngemoto, emsola ngokuthi webe uthayela wakhe.
Uthe emva kwesigameko, lo mholi wabuye wathola ulwazi lokuthi uthayela awuthathwanga umufi, wazivumela phambi komndeni, waxolisa wase ethembisa ukuthi uzomnxephezela ngemali umufi ngokumlimazela into angayazi.
“Akuhambanga kahle ngesivumelwano sabo njengoba bagcina sebephikisana ngesamba semali eyisinxephezelo. Omunye nomunye wagcina edonsa ebheka le, umfowethu ethi usezoqhubeka necala lokuhudulwa kwakhe enkantolo, nalo mholi wathi kulungile akenze njalo,” kusho uMakhoba.
Uthe umndeni wawusalinde ukuthi kuqhubeke icala enkantolo ngesikhathi umufi evele enyamalala ngoDisemba wonyaka ofanayo.
Udalule ukuthi lo mholi wayegqigqa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokuzama ukubulala enkantolo. Uveze nokuthi umfowabo wayengayi enkantolo eyothamela icala banganaka ukuthi yingoba edukile.
"Saqala sanganaka sizitshela ukuthi uzihambele izindlela zakhe njengoba engumuntu wesilisa. Kuthe uma kuba uFebhuwari ka-2024, kwacaca ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokuduka kwakhe, umndeni wabikela amaphoyisa,” kusho uMakhoba.
Uthe kwakungu-Ephreli 2024, ngesikhathi kutholwa amathambo okwakusolwa ukuthi akamfowabo, idokodo lokuduka komuntu laphendulwa elokufa komuntu.
“Amathambo ayekhombisa ukuthi ushisiwe, ekhanda enezindawo enezibazi ezivulekile, kwaphinde kwaba nembobo ekhombisa ukuthi udutshuliwe,” usho kanje.
Uthe bebelokhu belinde imiphumela eze yabuya kuyo le nyanga maqede kwenzeka isixakaxaka, uhulumeni ewangcwaba amathambo akhe, ewaphambanisa nawomunye umuntu ongaziwa, ayelokhu ehleli ngo-2020.
“Simngcwabe ngoMgqibelo, emva kokuba amathambo akhe angcwatshwa nguhulumeni ewaphambanisa namanye, ambiwe ngoLwesine lapho abesengcwatshwe khona (uhulumeni),” kusho uMakhoba.
Uthe basabufuna ubulungiswa ngokufa kwakhe kodwa abazi bafuna izimpendulo abangazi bazozithathaphi.
"Kukhona abomphakathi abathi asingabuki kude kodwa sibuke kulabo abebenenkinga nomufi. "
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga njengoba engazange ayiphendule imibuzo athunyelwe yona.
Related Topics: