Izindaba

Umasipala nohlelo lokufundisa abafana ngokuziphatha kahle

Nkosikhona Cele|Published

KUDODISWE abafana abancane ngendlela okumele baziphathe ngayo kuMasipala waseMthonjaneni kusetshenziswa ezemidlalo

Image: SITHUNYELWE

USUQALE uhlelo lokufundisa abafana abancane ngokubaluleka kokuziphatha uMasipala waseMthonjaneni ngenhloso yokunciphisa izigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane. Lokhu kudalulwe yiMeya yakule ndawo, uMnuz Mbangiseni Biyela, ngesikhathi kunemidlalo eyahlukeke ebihlelwe yiwona umasipala ebiseMthonjaneni Sports Door Centre.

Ekhuluma kulo mcimbi uBiyela uthe bafuna ukwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abafana  bakhuliswa ngendlela efanele.

''Sifuna ukwakha amadoda azokhula azi kahle ukuthi akalokothwa umuntu wesifazane. Yingakho sesiqale nezinhlelo zokubadodisa ngoba sihlose ukuthi zinciphe izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane ezingxenyeni ezahlukene zale ndawo,'' usho kanje.

Uveze ukuthi igxathu lokuqala lokwenza lokhu kwaba wukuthi kusungulwe imbizo yamadoda ebakhona kule ndawo njalo ngoJulayi. Uthe inkulu indima eklanywa yilolu hlobo lwembizo kule ndawo.

''Le mbizo sisazoqhubeka nokuba nayo ngoba ngikholwa wukuthi yenza umehluko omkhulu. Umuntu wesilisa kumele uqale ukumakha esakhula.'' 

Uthe abantu besilisa kabalutho ngaphandle kwabesifazane kusuka emandulo. "Asibahloniphe abantu besifazane njengoba sasenza kudala. Kwakuthi uma kuliwa kuthi uma kuqhamuka umuntu wesifazane kume konke namanje kumele kube njalo.'' 

Mayelana nemidlalo uthe nayo ingenye yezindlela abahlose ngazo ukuthi bagcine abafana abancane kukhona abamatasa ngakho. Le midlalo ibihlanganise ama-ward ehlukene akule ndawo. Abadle umhlanganiso kube u-ward 4 okhale wemuka nesheke likaR15 000 ngemuva kokwehlula u-ward 6 kowamanqamu. Nemidlalo yamantombazane ibikhona.

UBiyela ugcizelele kakhulu ukuthi ezemidlalo zingasetshenziswa njengethuluzi lokulekelela umphakathi ekutheni kube nozinzo nokuthula.

''Sifuna ukukhuthaza abafana abasakhula ukuthi mabazibandakanye nezemidlalo. Okuhle ngezemidlalo wukuthi uma unekhono ungagcina sewuba nekusasa eliqhakazile ukwazi ukuziphilisa ngekhono lakho,'' usho kanje.