Izindaba

Kugxekwa izehlakalo zokulinyazwa kwabafundi ezikoleni zaseKZN

INTATHELI YESOLEZWE|Published

UMPHATHISWA wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, ogxeke izehlakalo zokugwazwa nokulimala kwabafundi ezikoleni

Image: Independent Newspapers Archives

KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo namhlanje umfundi ona-14 oboshelwe ukugwaza uzakwabo ona-17 ngommese obhajwe enxebeni esehlakalweni esenzeke ngoLwesihlanu esikoleni saseVerulam.

Kuthiwa umfundi waseTrenance Park Secondary, ubegoduka eya kubo eMaoti ngesikhathi ehlaselwa ngomunye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sehlakalo wathi amaphoyisa aseVerulam abophe umfundi ngecala lokuzama ukubulala.

Uthe amaphoyisa abikelwe ngomfundi ogwaziwe afika esephuthunyiswe esibhedlela.

"Abafundi babe nokuhilizisana okwenze omunye wadonsa ummese wagwaza omunye. Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo," kusho uNetshiunda. 

Okhulumela inkampani yonogada iReaction Unit South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe baye kulesi sikole bafica umfundi elele phansi, ummese umtafula ubhajwe ngemuva entanyeni.

Uthe ubopha kakhulu umfundi wathi ubabikele ukuthi uhlaselwe abanye abafundi ngesikhathi esegoduka.

UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uzwakalise ukukhathazeka ngezehlakalo ezenzeke ngoLwesihlanu ezikoleni ezimbili esifundazweni.

Ubale isehlakalo esenzeke kulesi sikole saseVerulam, nesinye esenzeke esikoleni i-Esther Payne Smith eNorthdale eMgungundlovu.

Kulesi sehlakalo saseNorthdale, uthe kulimale kanzima abafundi ababili ngesikhathi kuliwa. Kwabalimele kukhona oneminyaka engu-15 nona-17.

"Balashelwe endaweni yesehlakalo base beyiswa esibhedlela. Kubikwa ukuthi ubanjiwe umphehli wodweshu wayiswa emaphoyiseni. Sikhathazekile ngalezi zehlakalo futhi siyazigxeka kakhulu ezikoleni zethu. Sibafisela ukululama okusheshayo abalimele," kusho uHlomuka.