MNUZ Ephraim Ntuli
Image: SITHUNYELWE
UMNDENI wabayisihlanu baseNkalankulu, eNdwedwe, ababhubhe engozini enyantisa igazi emgwaqweni onguthelawayeka uN2, phakathi kweMatigulu neDokodweni ngoMgqibelo odlule, ufuna kuphenywe ngezingozi ezenzeka kulo mgwaqo ezidlula nenqwaba yabantu.
Bayisithupha ngomshayeli weloli kashukela abantu abashone kule ngozi.
Kwababhubhile abayisihlanu abayizihlobo, kukhona uNksz Lowren Mthiya (41), Mnuz Sithabiso Mthiya (35), Mnuz Ephraim Ntuli (44), Mnuz Phakamani Mthiya (44) noNksz Khululiwe Maphumulo (35).
MNUZ Phakamani Mthiya
Image: SITHUNYELWE
Abafi bashone ngesihluku ngesikhathi imoto ababehamba ngayo beya emcimbini wesihlobo, ishayiswa yiloli, layidudulela eceleni komgwaqo. Kuvela ukuthi libe seligingqika iloli, liyiphitshiza, bafa bobahlanu ebebekuyo.
Umngcwabo wabo ubuhanjelwe wuMphathiswa woMnyango wokuThutha, uMnuz Siboniso Duma izolo.
Umndeni uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi ingozi edlule nabathandiweyo bawo yenzeke emgwaqweni okujwayele ukuthi kubikwe izingozi ezinyantisa igazi kuwo.
UMnuz Muziwenhlanhla Ntuli ekhuluma neNewzroom Afrika, uthe baphatheke kabi ngokwenzeke ezihlotsheni zabo.
Uthe bafuna kuphenywe nangalo mgwaqo ababhubhe kuwona nesimo sawo.
MNUZ Sithabiso Mthiya
Image: SITHUNYELWE
Ekhuluma nabezindaba uDuma, uthe bakhathazekile ngalezi zingozi ezehla emigwaqweni emikhulu yesifundazwe.
“Kube khona ubudedengu ngoba imoto ibibonakala ngokwanele emzileni wezimoto eziphuthumayo. Sihlale sikugcizelela ukuthi uma ushayela, awuqaphi nje kuphela imoto yakho kodwa ubheka engakwesokudla, engakwesobunxele kanjalo nephambi kwakho,” kusho uDuma.
Uthe isimo salo mgwaqo sihle, ubonakala kahle wakhala ngobudedengu babashayeli.
Ubuye wathi kujutshwe amaphoyisa kule migwaqo emikhulu kulesi sifundazwe ngenxa yalezi zingozi, wanxusa abantu ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo ngoba uma sekunenhlekelele efuze le, kusala umonakalo ongalungiseki empilweni yalabo ebebesondelene nababhubhile.
NKSZ Khululiwe Maphumulo
Image: SITHUNYELWE
Kuzokhumbuleka ukuthi kwenzeka le ngozi nje, ngoMeyi kulo nyaka, kwafa amalungu esonto laseZayoni eMtubatuba ayisishiyagalolunye emgwaqweni ofanayo.
Babehamba ngemoto eyiveni, behlelwa yingozi bebuya esiguqweni. Imoto yabo yashayiswa yiloli elaliyilandela ngemuva, kwalimala inqwaba.
NgoMashi kuwo lo nyaka, kwafa amanye amakholwa ebandla i-12th Apostolic Church ayisishiyagalolunye. Ngokwemibiko leyo ngozi yenzeka emva kokuthi ibhasi ababehamba ngalo laqhunyelwa yithayi, lagingqika.
Khonamanjalo: UDuma udlulise amazwi enduduzo emindenini yabane abashone engozini eyenzeke kuN3, phakathi kweloli netekisi ngoMgqibelo ekuseni.
Okhulumela uDuma, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe lo mndeni ungowase-Eastern Cape, ubuya eGauteng kanti umshayeli weloli kuthiwa usagcwele amathafa.
Kujutshwe nonjiniyela emigwaqweni okwenzeka kuyo izingozi ezinyantisa igazi.
NKSZ Lowren Mthiya
Image: SITHUNYELWE
Related Topics: