Izindaba

Ithemba ngamanzi umasipala usayina isivumelwano

Nkosikhona Cele|Published

IMEYA yesiFunda uThukela, iNkosi uNtandoyenkosi Shabalala noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi

Image: SITHUNYELWE

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuxazululeka kwenkinga yamanzi kuMasipala wesiFunda uThukela, ngemuva kokuba usayine isivumelwano sokusebenzisana noMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle noMgeni Waterboard.

IMeya yesiFunda uThukela, iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala, ithe ibuyelwe yithemba elikhulu njengoba lesi sivumelwano sifaka phakathi ukuvuselela ingqalasizinda nokusatshalaliswa kwamanzi.

Lesi sivumelwano sifaka phakathi nokuthi kube khona ingqalasizinda entsha eyakhiwayo.

UShabalala uthe le ngeminye yemizamo yabo yokuqinisekiusa ukuthi abantu basoThukela bayawathola amanzi.

''Baningi kakhulu abaholi abake bafika lapha ngaphambilini ngisho noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, kodwa akukho okushintshile enkingeni yamanzi,'' usho kanje.

Uchaze ukusayinwa kwalesi sivumelwano njengengqophamlando kubantu basoThukela.

''Sijabule nokuzwa ngemali okuthiwa isikhona esizoqala isilekelele kakhulu ngokuthi kulungiswe ingqalasizinda,'' echaza.

UMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle uzokhipha imali engu-R300 million eminyakeni emithathu ezayo, ebese kuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uzoqala ngokukhipha imali engango-R74 million.

Ngaphambi kokuba kusayinwe lesi sivumelwano, uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uqale waveza izingqinamba eziningi uMasipala wesiFunda uThukela obhekene nazo okufaka phakathi ukonakala kakhulu kwengqalasizinda.

"Yingakho nje kubalulekile ukuthi kube nesivumeleano esinjengalesi lapho zonke izinhlaka ezizibophezele kulesi sivumelwano kuzomele zibambe iqhaza kulo monakalo."