UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe isifunda uMzinyathi KwaZulu-Natal, siyisizinda sezinkabi
Image: SITHUNYELWE
ISIFUNDA uMzinyathi KwaZulu-Natal, yize singanakekile kodwa siyisizinda sezinkabi esifundazweni nasezweni lonkana.
Lokhu kuvezwe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wezinhlaka ezehlukene zokulwa nobugebengu esifundazweni.
Umhlangano ububizwe wuNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli ehhotela, eLangeni, eThekwini.
Ngaphansi kwesifunda uMzinyathi kukhona izindawo ezifana noMsinga neGreytown, okuhlale kuvela ukuthi izinkabi eziningi zivela khona.
Ethula inkulumo yakhe kulesi sithangami uMkhwanazi uthe imvamisa yonke inkabi ebanjwayo kuye kuvele ukuthi ivela kulesi sifunda.
Ube esebalula ukuthi akufanele kugcinwe ngokuthi kuliwe nobugebengu kuphela kodwa akuliwe nomsuka wembangela yokuthi kube nobugebengu
Uthe kuningi okufanele kwenziwe ukuze kukhucululwe le nsila.
“Intsha yabafana evela ezindaweni ezakhele lesi sifunda, uye uthole ukuthi ikhulele emakhaya anesithembu. Umuntu akutshele ukuthi uyise ubuye abe nomunye unkosikazi anezingane naye. Athi wahamba wabashiya kanjalo, wayosebenza ezimayini, wangaphinde wabuya,” kusho uMkhwanazi.
Uthe lolu hlobo lwezingane lubuye lwehlelwe wumshophi wokuthi kushone oyise bese onina bengenwa abafowabo boyise.
“Babazalisa ezabo izingane, bese bekhohlwa yibo. Lolu hlobo lwezingane lukhula lungazi ukuthi kufanele lwenze njani, bese luvuma kalula uma luyengelwa ekubeni yizinkabi, bese lungena ebugebengwini,” kusho uMkhwanazi.
Uthe yilokho abakutholayo uma behlaziya ubugebengu.
“Silwa nobugengu, asilwi nomnyombo wabo,” usho kanje.
Ephawula ngobugebengu obuthinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, uthe kufanele kushintshwe ukwenza, kuyekwe ukudluliswa kwemiyalezo kumathelevishini.
“Iningi labantu abenza lokhu abawabuki kwakuwabuka lawo mathelevishini, bazihlalela ezindaweni zokucima ukoma,” kusho uMkhwanazi.
Uthe okufanele kwenziwe wukuthi kungenwe umnyango nomnyango kukhulunywe nabo.
“Akungenwe ezindaweni zokucima ukoma lapho abasuke behleli khona bephuza bebuka ibhola, kucishwe leyo thelevishini, kufakwe i-video yomgilwa, kuthi ukuma kancane lelo bhola, badlalelwe izigameko ezenzeka nsuku zonke,” kusho uMkhwanazi.
Uthe ukholwa wukuthi uma kungenziwa lokhu, umehluko ungaqala ubonakale ngoba abenzi balobu bubi abazibuki izindaba, bahamba bayoziphuzela ematshwaleni, babuke ibhola bese beyagoduka bayoshaya amakhosikazi.
Kulo mhlangano uNtuli unxenxe osomabhizinisi ukuthi basebenzisane nezinhlaka ezilwa nobugebengu ukuze kuliwe nobugebengu kusetshenziswa ubuxhakaxhaka besimanje obufana nama-drone namakhamera.
Uthe ukusetshenziswa kwalezi zinto kungahamba elide ibanga ekukhinyabezeni izinswelaboya ebugebengwini bazo.
Kwabebeyingxenye yomhlangano kubalwa abaphathi bamabhizinisi, izifundiswa, izinhlaka ezilwa nobugebengu emazingeni ahlukene, abezenkolo, izinhlangano zokuphepha ezizimele nabanye.
Related Topics: