Izindaba

Kuxwayiswe abalwa nabokufika ukuba bangadlaleli ezikoleni

Mhlengi Shangase|Published

USIHLALO wekomiti lezeMpilo ePhalamende, uDkt Sibongiseni Dhlomo nosihlalo wekomiti lezeMfundo eNdlini yoMkhandlu weziFundazwe, uMnuz Makhi Feni

Image: IPHALAMENDE

KUXWAYISWE izinhlangano ezilwa nabokufika ezikhungweni zezempilo kuleli ukuthi zingadlaleli ezikoleni ziphazamise ukufunda ngonyaka ozayo, ngenhloso yokuxosha abafundi abangenazo izimfanelo zokuba kuleli.

Isexwayiso sikhishwe osihlalo bamakomiti asePhalamende, abebekhuluma nabezindaba izolo, eKapa.

Labo sihlalo okungowekomiti elibhekele iMfundo eNdlini yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, uMnuz Makhi Feni kanjalo nelezeMpilo uDkt Sibongeni Dhlomo, bathe akumele kudlalelwe ezikoleni.

UFeni uthe abafuni kusuke udweshu ngonyaka ozayo uma sekuvulwa izikole, kuphazamiseke ukufunda.

Uthe akumele kuphazanyiswe izikole kuphinde kuhlukunyezwe izingane ezincane ngoba nomthetho wezikole uyavuma ukuthi zifunde izingane ezingenazo izimfanelo zokuba kuleli.

"Akuziwe etafuleni kuxoxwe uma lezi zinhlangano zikhathazekile. Kodwa nomthetho wezikole iBela, uyavuma ukuthi izingane ezingenazo izimfanelo zokuba kuleli, azifunde. Abanezikhalo abaphawule kwabo ohlelweni oluvuliwe ngaphansi kwalo mthetho ukuthi baphawule ngokwamukelwa kwabafundi ezikoleni."

Usho lokhu nje, kunemvunge ezinkundleni zokuxhumana njengoba kunenkulumo ethi uma kuvulwa izikole, izinhlangano ezichitha abokufika ezikhungweni zezempilo kuleli okubalwa i-Operation Dudula nezinye zizogasela ezikoleni ziyokhipha abafundi abazali babo abakuleli ngokungemthetho, ukuze izinsiza ezihlinzekwe abafundi bakuleli ziphelele kubona.

Isibe yinkinga enkulu kwezemfundo indaba yabafundi ababizwa ngokuthi ba-undocumented (abanye babo abangenazo izitifiketi zokuzalwa), okwenza kube nzima ukuthi bahlinzekwe ngezidingo.

UMnyango wezeMfundo uma uhlinzeka ngothisha ezikoleni, usebenzisa isibalo sabafundi abasuke bekuleso sikole. Kanjalo noma kuhlinzekwa ngezincwadi zokufunda, uhlelo lokudla kanjalo nemali enikwa izikole eyaziwa ngama-norms and standards, kusetshenziswa isibalo sabafundi abasuke bekhona abanezitifiketi zokuzalwa.

Othishanhloko bebebekwa amacala uma abahloli befika bethi ngqu ezikoleni befica isibalo sabafundi sisincane kunaleso esibhalwe phansi ngenxa yokuthi kusuke sekufakwe nalabo abangenazo izitifiketi, bese ebekwa icala lokukhwabanisa ngumnyango. Ngakolunye uhlangothi, umnyango ububatshela ukuthi kumele bamukelwe labo abangenazo izitifiketi zokuzalwa.

Ngokwe-Bela, othishanhloko kumele babamukele labo abangenazo izitifiketi bese bebasiza bazithole.

UDhlomo uthe izikhalazo zalezi zinhlangano ngeke zizitshwe kanjalo wathi sebake bahlangana nazo.

Ukhale ngokuthi akukwazi ukuthi abantu bangafunwa omazisi ezikhungweni zezempilo ngoba abanye bakuleli bangagcina kwabona bengasakwazi ukuya kuzona.

"Uma kwenzeka nje kwehla umshophi kusha imijondolo abantu bashelwe omazisi nezinto zabo, bazongena kanjani ezikhungweni zezempilo beyofuna usizo? Noma kuthiwa abakuleli kusho ukuthi bayogcina bengasalutholi usizo ngoba bengenabo omazisi, beshe emlilweni?" usho kanje.