Izindaba

Kushayisane ubufakazi kwelikaSiya Mhlongo

Zimbili Vilakazi|Published

UMSAKAZI woKhozi FM, uSiya Mhlongo, osolwa ngecala lokushaya

Image: SIGCINIWE

KUGQAME ukushayisana kobufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala lokushaya elibhekene nowayengumsakazi woKhozi FM, uSiyabonga "Siya" Mhlongo. 

USiya (42) usolwa ngokushaya ngenhloso yokulimaza owayeyisinqandamathe sakhe, uMnuz Njabulo Duma (30) esigamekweni okuthiwa senzeka eThekwini ebusuku, bango-Agasti 31, 2024.

Obethula ubufakazi phambi kwenkantolo uDkt Talent Ngcobo wasesibhedlela e-Addington, eThekwini, okuthiwa uyena owahlola uDuma emva kwesigameko.

UDkt Ngcobo ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe eholwa uMbuso, uveze ukuthi ummangali walinyazwa ngebhodlela.

“Wayenezibazi zokulinyazwa esiphongweni, ngezansi kweso elilodwa kanjalo nangezansi kwekhala,” kusho uDkt Ngcobo.

Uveze ukuthi kwi-fomu i-J88, egcwaliswa udokotela uma ehlola isiguli esilimele, wagxila ebusweni kuphela ngoba ibona obabulimele.

“Angigxilanga kwezinye izingxenye zomzimba ngoba zazingalimele,” usho kanje.

Ngesikhathi ummeli kaSiya, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa, esemphosa ngemibuzo, umbuze ukuthi isiguli samtshela yini ukuthi sishaywe ngempama nangenqindi esifubeni saphinde saklinywa?

UDkt Ngcobo uphendule ngokuthi lokho akukaze kwenzeke. 

“Ngisho ngoba ebufakazini bakhe ummangali ngoJulayi 11, kulo nyaka, waveza ukuthi washo ukuthi ushayiwe esifubeni kodwa wena awuzange umhlole isifuba kodwa wavele wathi uzomnika amaphilisi ezinhlungu,” kusho u-Adv Mlotshwa.

UDkt Ngcobo ugcizelele ngokuthi yena akakwazi lokho. 

Kuphinde kwavela ukuphambana kwesikhathi ummangali ahlolwa ngaso njengoba uDkt Ngcobo ehlawumbisele ku-11 wasebusuku ngosuku lwesigameko, kwathi u-Adv Mlotshwa waveza eyokuthi ngaleso sikhathi ummangali wayengakalinyazwa. 

UDkt Ngcobo ubuye wakhombisa ukunengwa yimibuzo ka-Adv Mlotshwa, kwaze kwaba nesikhathi lapho abevele azithulele khona, angaphenduli.

IJaji uMnuz Mhlonipheni Sibiya, likhumbuze uDkt Ngcobo ukuthi uma ofakazi bethula ubufakazi phambi kwenkantolo, basuke belekelela ekutheni inkantolo ithole ulwazi olufanele ukuze yahlulele ekugcineni.

UDkt Ngcobo ubuye waveza nokuthi ngesikhathi ehlola ummangali, yize engabhalanga lutho phansi kodwa wambona ukuthi wayedle amanzi amponjwana.

Icala lisongwe u-Adv Mlotshwa eveza ukuthi kunesicelo abafuna ukusifaka, uMbuso waveza ukuthi ngokuxoxisana, bavumelana ngokuthi basifake uma seliphinde lihlala icala enkantolo.

USibiya ube eselihlehlisela uSepthemba 9, 2025, icala. 

USiya uvele enkantolo ezicuphe ngesudi empunga, ihembe elimhlophe, elihambisana nothayi obomvu. Ubehamba nabanye abesifazane ababili, okukholakala ukuthi amalungu omndeni wakhe. 

USiya owazicelela ukuthi Ukhozi luthi ukummisa kancane emva kokusabalala kwezindaba zesigameko nyakenye, akabange esabuyiselwa emsakazweni ngesikhathi sekwethulwa abasakazi bakulo nyaka, ngo-Ephreli.