Izindaba

Ifu elimnyama eDUT kutholakala isidumbu sesinye isitshudeni

Nonkululeko Nhlapo|Published

UManqoba Mnyandu obekubikwe ukuthi ulahlekile utholwe eshonile

Image: Facebook

Isidumbu sikaManqoba Mnyandu obefunda unyaka wesithathu okubikwa ukuthi udukile ngeledlule sitholwe ngoLwesine. Ubeqeda izifundo zakhe e-DUT ekhempasi yaseMidlands.

Umndeni walo mfana, 21, watshele abezindaba ngeledlule ukuthi ushiye yonke impahla yakhe.

Isidumbu sikaMnyandu sitholwe ehlathini eliseduze nalapho ehlala khona iMaritzburg.

Amaphoyisa ayaphenya.

Inyuvesi idlulise amazwi enduduzo emndenini kaMnyandu, abangani, nafunda nabo kanye nabo bonke abebemazi.

Lokhu kuvela ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kudlule emhlabeni esinye isitshudeni uSphiwokuhle Madela obenza unyaka wesithathu ohlelweni lwe-BHSc Diagnostic Radiography ozibulele ngoLwesibili ekhempasini iSteve Biko.