Izindaba

Amaphoyisa aqinise impi yezidakamizwa kucekelwa ezibiza u-R420m

INTATHELI YESOLEZWE|Published

AMAPHOYISA acekele izidakamizwa ezibiza ngaphezu kuka-R400 milion izolo, eGoli

Image: SAPS

UTHUMELE umyalezo oshubile uKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, ukuthi bazoqhubeka nokulwa nezidakamizwa ezibulala isizwe.

UMasemola ukusho lokhu izolo, kucekelwa phansi izidakamizwa ezibalelwa ku-R420 million izolo, eGoli.

Uthe lezi zidakamizwa zashaqwa ezindaweni ezehlukene okubalwa nesikhumulo sezindiza i-OR Tambo eGauteng, kanjalo naKwaZulu-Natal.

"Eminyakeni emithathu edlule sesicekele phansi izidakamizwa ezibalelwa ku-R5.3 billion. Siyalwa nezidakamizwa ezicekela phansi isizwe," usho kanje.

Uthumele umyalezo oshubile wokuthi bazolwa nezindawo eziyisizinda sezidakamizwa.

Ubale isifundazwe iGauteng ukuthi siyisizinda sezidakamizwa.

Uveze ukuthi nakwezinye izifundazwe okubalwa iKZN ne-Western Cape, izidakamizwa ziyangena echwebeni.

Phakathi kwezidakamizwa ezicekelwe phansi kubalwa i-cocaine, mandrax, heroin, neminye imithi engabhalisiwe.

I-mandrax ecekelwe phansi ibiza u-R285 million, eyashaqwa eMandeni ngo-2022. I-cocaine ecekelwe phansi ingabiza u-R6 million kanti yashaqwa e-OR Tambo phakathi kuka-2016 no-2022.

Kucekelwe phansi nezinto zokwenza i-mandrax ezingabiza u-R50 million, ezabanjwa elolini elaliza eGoli.