AMAPHOYISA acekele izidakamizwa ezibiza ngaphezu kuka-R400 milion izolo, eGoli
Image: SAPS
UTHUMELE umyalezo oshubile uKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, ukuthi bazoqhubeka nokulwa nezidakamizwa ezibulala isizwe.
UMasemola ukusho lokhu izolo, kucekelwa phansi izidakamizwa ezibalelwa ku-R420 million izolo, eGoli.
Uthe lezi zidakamizwa zashaqwa ezindaweni ezehlukene okubalwa nesikhumulo sezindiza i-OR Tambo eGauteng, kanjalo naKwaZulu-Natal.
"Eminyakeni emithathu edlule sesicekele phansi izidakamizwa ezibalelwa ku-R5.3 billion. Siyalwa nezidakamizwa ezicekela phansi isizwe," usho kanje.
Uthumele umyalezo oshubile wokuthi bazolwa nezindawo eziyisizinda sezidakamizwa.
Ubale isifundazwe iGauteng ukuthi siyisizinda sezidakamizwa.
Uveze ukuthi nakwezinye izifundazwe okubalwa iKZN ne-Western Cape, izidakamizwa ziyangena echwebeni.
Phakathi kwezidakamizwa ezicekelwe phansi kubalwa i-cocaine, mandrax, heroin, neminye imithi engabhalisiwe.
I-mandrax ecekelwe phansi ibiza u-R285 million, eyashaqwa eMandeni ngo-2022. I-cocaine ecekelwe phansi ingabiza u-R6 million kanti yashaqwa e-OR Tambo phakathi kuka-2016 no-2022.
Kucekelwe phansi nezinto zokwenza i-mandrax ezingabiza u-R50 million, ezabanjwa elolini elaliza eGoli.
Related Topics: