Izindaba

Uyinyathele emsileni uMkhwanazi ngolwezinyunyana

Thabo Makwakwa|Published

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi

Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers

ZIPHUMELE obala ezinye zezinyunyana zabasebenzi zagxeka inkulumo kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, lapho abezisola khona ngokuba yimbangela yokuncishiswa kwesibalo sabasebenzi bahulumeni. 

UMkhwanazi ukhulume la mazwi emhlanganweni wokulwa nobugebengu esifundazweni obubandakanya izinhlaka ezehlukene eLangeni Hotel, kuleli sonto.

Usole abezinyunyana ngokuthi ukufuna ngodli amaholo amakhulu, wabuza ukuthi yini engcono phakathi kokuthi umuntu angasebenzi nhlobo kunokuthi asebenze bese ehola umholo oyisilinganiso sokuphila?

ICongress of South African Trade Unions (Cosatu) ekhasini layo lika-X ithe: “Sikhathazeke kakhulu futhi siphoxekile ngenkulumo kaMkhwanazi asanda kuyenza kulo mhlangano, lapho esola khona izinyunyana ngokuncishiswa kwesibalo sokuqashwa kwezisebenzi zikahulumeni.”

UNobhala Jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe bayaphikisa nokushiwo uMkhwanazi ukuthi ukufuna imiholo ephezulu kwezinyunyana kunqanda imizamo yokuthi kugcwaliswe izikhala ezisemaphoyiseni. 

“Le nkulumo ihlanekezela ulwazi lokuqondisisa ukuthi inkinga inkulu kakhulu imayelana nokuncishiswa kwesabelomali (seminyango ehlukene kahulumeni), okudale umonakalo emaphoyiseni, kubeka engcupheni ezokuphepha zakuleli,” kusho uVavi.

Uthe into eyinkinga ukuncishiswa kwesabelomali, hhayi isiphakamiso sokunyuswa kwemiholo. 

Uze wenza isibonelo sokuthi isabelomali seminyango kahulumeni sango-2024 sasingu-R125 billion kodwa esakulo nyaka sehliswe ngo-9%, saba u-R113,6 billion.

Uthe inkinga yangempela eNingizimu Afrika ukuthi ngokwemibiko yango-2023, iphoyisa elilodwa libheka abantu abangu-423, wathi eminye imibiko eyenziwe onyakeni wezimali u-2024/25, kuvela ukuthi iphoyisa ngalinye libhekana nabantu abangu-427.

“Ngokwemigomo ye-United Nations (UN), iphoyisa elilodwa kufanele libhekane nabantu abangu 220 kuphela. Izwe lethu alikwazi ukuhlala linesibalo esicishe sibe u-50% waleso esidingekayo ngokwemigomo yamazwe, siphinde singabi nezinsizakusebenza,” kusho uVavi. 

Uthe beyiSaftu bamile ekutheni awaxhaswe amaphoyisa ngakho konke akudingayo kodwa futhi nabo ngeke bayeke ukulwela ukuthi izisebenzi zithole imiholo efanele.

IFederation of Unions of South Africa (Fedusa) esitatimendeni esithumelele abezindaba, ithe uphambuke kakhulu uMkhwanazi ngenkulumo yakhe.

“Inhlekelele yesibalo esiphezulu sabangasebenzi, ayibangwa yizisebenzi ezilwela amaholo angcono."