Izindaba

Luthimulisa umndeni 'uswazi oluncane' koboshelwe ukugenca intombi

Zimbili Vilakazi|Published

ONGASEKHO, uNksz Bongekile 'Mabongi' Mkhize

Image: Tiktok

UZWAKALISE ukungayizwa kahle eyesigwebo seminyaka ewu-15, esingahle sinikwe ummangalelwa uma elahlwa yicala, umndeni wowesifazane owabulawa yisoka ngesihluku.

Lokhu kuza emva kokuvela kukammangalelwa, uMnuz Mduduzi Masuku (32) eNkantolo yesiFunda saseMbumbulu, ngaleli cala.

UMasuku ubekwe icala lokubulala kulandela isigameko sokugenca ngesihluku uNksz Bongekile "Mabongi" Mkhize (32), emzini wakhe oseMangamazini Reserve, eFolweni, ngoJanuwari 5, kulo nyaka.

Evela okokuqala izolo kule nkantolo, icala eselidluliselwe kuyo, imantshi uNkk Maboe imtshele ukuthi ubhekene necala lokubulala, yase imchazela amalungelo akhe.

Emva kwalokho, ube esemchazela ukuthi mingaki iminyaka angayibhadla ejele uma kwenzeka limlahla icala.

“Uma likulahla, kuvela ukuthi uyaqala ukwenza icala, ngalokho ungagwetshwa iminyaka ewu-15. Uma kuvela ukuthi akhona amanye amacala oke waba nawo phambilini, ungagwentshwa kusuka eminyakeni ewu-20 kuya kwewu-25,” kusho uNkk Maboe.

Yile nkulumo engehlanga kahle kwabomndeni kamufi. Unina, uNkk Thembisile Mkhize, ehlengezela izinyembezi ngaphandle kwenkantolo, uthe akayizwa eyeminyaka ewu-15 uma ecabanga isihluku ummangalelwa asisebenzisa ngesikhathi ebulala indodakazi yakhe.

“Ngathi ayibulala kabuhlungu kangaka ingane yami, iminyaka ewu-15 mincane kakhulu,” kusho uNkk Mkhize.

Esinye isihlobo size sananela ngokuthi uma engagcina ethola iminyaka ewu-15 ngempela, lokho ngabe kuchaza ukuthi uzohlala iminyaka engaphezudlwana kweyisikhombisa kuphela ejele okuyinto abayibona njengokushaywa ngoswazi oluncane.

Ngaphakathi enkantolo, uMasuku obezicuphe ngesikibha esimnyama nebhulukwe elisamfaniswano wamasosha kodwa elimnyama, ucele ummeli kahulumeni, oveze ukuthi angahle afune ukufaka isicelo sebheyili. 

Umshushisi woMbuso, uMnuz Govender, ube esecela ukuthi icala lihlehliselwe uSepthemba 3, kulo nyaka, ukuze uMbuso unikezele ngezitatimende kummeli kaMasuku omusha.

“Icala lihlehliselwa uSepthemba 3, ukuze ummeli wakho anikezwe izitatimende,” kubeka uNkk Maboe.

Umndeni kamufi ubuye wanengwa nawukuthi ummangalelwa ubeshaye ne-cut ekhanda, bebuzana ukuthi ubani omgunda kahle kanje ngaphakathi ejele?

Ngosuku lwesigameko umufi wahlaselwa ummangalelwa, owayemcuthele egcekeni ebuya ukuyozijabulisa nabangani endaweni yobumnandi eseMlaza.

Ngokusho komndeni kamufi, ummangalelwa wayeqale ngezikhathi zasemini ukuthumela umufi imiyalezo emsongelayo. Umndeni waveza ukuthi wamhlasela emva kokuthi ehle emotweni yakhe (umufi) ayehamba ngayo nabangani. Wamgenca ngobhushu ephindelela, ngisho eselele phansi.

Kuthiwa ngaphakathi endlini kwakukhona izingane zikamufi nowesifazane osizayo, abezwa wonke umsindo, umufi ezikhalela, ummangalelwa emhlasela. 

Nokho, ngokomthombo ongaphakathi esiteshini samaphoyisa, ummangalelwa, owavele wayozinikela emaphoyiseni emva kokwenza isigameko, wawatshela ukuthi wamhlasela ehamba nesoka elisha.

Kuthiwa waphinde waveza ukuthi wayedinwa ukuthi like lamshayela, limthuka ngokuthi unesoseji elincane, okuyinto eyamdina njengoba kuthiwa ngesikhathi emgenca ngobhushu wayembuza ukuthi lisazelaphi isitho sakhe sangasese. Umndeni kamufi wazichitha zonke lezi zinsolo, wathi zingamapunge.  

Evela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, ummangalelwa wake wezwakalisa eyokuthi yena akamdingi ummeli ngoba vele uzolivuma icala. Yize ayesho kanje, imantshi yambonisa ngokuthi amthole ummeli kahulumeni ngoba kukhona amanye amatemu asenkantolo okuzoba nzima ukuthi awaqonde.