Izindaba

Kwande imibuzo i-Uber iphika owabulawa eMaponya Mall

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umunyu kuvela abakwa-Uber baqinisekisa ukuthi uSiyanda Mvelase ubengabasebenzeli

Image: Facebook

Kwande imibuzo ngokuhleleka kwemboni yezimoto ezisebenza ngokukhokhelwa ngebanga inkampani iphika owabulawa ngeledlule.

Umndeni kaMnuz Siyanda Mthokozisi Mvelase (27) obengumshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga owadutshulwa washiswa eMaponya Mall ngeledlule, uthi usashaqekile ngemuva kokuthi inkampani i-Uber ithe ayinalo irekhodi lokuthi ubesebenza njengomshayeli wayo.

Esitatimendeni, i-Uber ithe ibuhlungu kakhulu ngalesi sigameko kodwa iyaqinisekisa ukuthi abashayeli abathintekayo bebengabhalisiwe ezinkundleni zabo zokusebenza.

"Siphatheke kabi kakhulu ngokwenzekile - lesi sigameko sinzima kakhulu, futhi imicabango yethu ikubo bonke abathintekile ngalesi sikhathi esinzima ngendlela emangalisayo," kusho u-Uber.

“Nakuba abashayeli abathintekile sekuqinisekisiwe ukuthi ababhalisiwe epulatifomu ye-Uber, ukuphepha kwawo wonke umshayeli nomgibeli osebenzisa noma iyiphi isevisi kufanele kube yinto ehamba phambili, futhi kuyinto esiyibheka njengento ebalulekile kwa-Uber.”  

Le nkampani ithe, ngosuku lwesigameko, bathumela ithimba labo Lezokuxhumana Nokuphepha Komphakathi - elakhiwe ngochwepheshe abanolwazi lokugcinwa komthetho- ukuthi lisebenze neziphathimandla futhi linikeze ukwesekwa kophenyo. Le nkampani ithe iphinde yafinyelela kwabomthetho ukuze banikeze usizo lwayo olugcwele.

"Simise okwesikhashana isevisi endaweni ethintekile kwaze kwaba yilapho sesiqiniseka ukuthi abashayeli nabagibeli epulatifomu ye-Uber bangahamba ngokuphepha." "Sizibophezele ekusebenzisaneni eduze nababambe iqhaza embonini, iziphathimandla, kanye nomphakathi obanzi ukusiza ukwenza imboni iphephe kubo bonke abashayeli nabagibeli," kwengeza.