KUME ukufunda eDUT izolo, kuhlonishwa isitshudeni esiziphonse esitezi sashona kule nyuvesi kuleli sonto
Image: Sithunyelwe
KUME nse ukufunda izolo, esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology ngemuva kokuzithanqaza kwesitshudeni uSphiwokuhle Madela odabuka eNewcastle, ngoLwesibili, emini kulesi sikhungo.
Isitatimende esikhishwe yisikhungo sithe umufi uzibulele ngenxa yezizathu ezingahlangene nezinkinga ezibhekene nezinye izitshudeni zokuphucwa uxhaso yisikhwama esixhasa ngemali yokufunda iNSFAS.
Siveze ukuthi uMadela obenza unyaka wesithathu kwiBHSc Diagnostic Radiography, ubezimisele futhi ewenza kahle nomsebenzini wakhe wesikole.
Siqhube sathi ubexhaswe yiNSFAS engekho ohlwini lwabaphucwe uxhaso.
"Sidlulisa ukudabuka ngokudlula emhlabeni kukaMadela. Kumiswe ukufunda ukuze kuhlonishwe ukushona kwakhe."
Sithe ukufunda kuzoqhubeka namhlanje njengokujwayelekile.
"Inkonzo yesikhumbuzo izobanjwa ngokubonisana nomndeni wakhe, esikhathini esifanele. Sizobazisa bonke abasenyuvesi ngalokhu."
I-NSFAS ikhiphe isitatimende izwakalisa ukudabuka ngokushona kukaMadela.
Ithe uMadela ubexhaswe ngokugcwele yilesi sikhwama.
"Siyazi isikhathi esinzima kuwonke wonke okubalwa umndeni wakhe, abangani nezihlobo. Sizimisele ukweseka umndeni nenyuvesi ngalesi sikhathi esinzima."
Related Topics: