Izindaba

Bagwetshiwe abashaya kanzima iphoyisa laphelelwa umsebenzi

Nonkululeko Nhlapo|Published

ISOLEZWE Bagwetshiwe abagqema kanzima iphoyisa laze lanikezwa umhlalaphansi wokugula ngenxa yokulimala

Image: SAPS

ngoLwesithathu iNkantolo yesiFunda yaseThekwini igwebe uNdabezinhle Mvune (29), Simiso Mthimkhulu (47) noThamsanqa Msabala (29) iminyaka engu-10 bebhadla ejele ngecala lokuzama ukubulala iphoyisa lingekho emsebenzini.

Ngomhla ka-29 ku-Agasti 2021, uCaptain Gysbert Johannes Grotius wayehamba emgwaqeni u-Cato Crest, eManzimtoti ngesikhathi ebona itekisi eyayisolisa inabantu abathathu. Wasondela etekisini ngenhloso yokubuza ukuthi kukhona yini abakudingayo.

Ngesikhathi ekhuluma nabo kube nengxabano kwathi omunye umsolwa washaya uKaputeni Grotius ngekani likabhiya. Wayicosha uKaputeni wayijikijela etekisini.

Abasolwa abathathu behla bamshaya kanzima. Omunye wabasolwa usebenzise insimbi ukushaya uKaputeni ngesihluku. Ngenxa yalokhu ukulimala okubi okuhlanganisa ukuphuka ugebhezi, ukopha ebuchosheni, iminwe ephukile kanye nezibazi eziningi ebusweni nasemzimbeni.

Umkakhe wayekhona kwenzeka lokhu, wamphuthumisa esibhedlela sendawo ukuze athole usizo lwezempilo.

UKaputeni Grotius wadluliselwa kwesinye isibhedlela ukuze ayohlinzwa ubuchopho.

Ngenxa yobunzima bokulimala kwakhe uKaputeni Grotius okodokotela banquma ukuthi athathe umhlalaphansi wokugula njengoba esebenza ophikweni lwe-Air Wing.

Ngo-Ephreli 2022, uMvune, Mthimkhulu noMsabala baboshwa ngamalungu oKlebe ophiko lwe-Durban Serious Organised Crime Investigation. Babekwe amacala bevela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izikhathi eziningi laze labagojela ngomhla ka-29 Meyi 2025.

Laba bobathathu kuthiwa abakulungele ukuba nezibhamu.