Umholi weRise Mzansi Songezo Zibi
Image: Sigciniwe
UMHOLI weRise Mzansi uMnuz Songezo Zibi useveze ukuthi akakholwa wukuthi ukwandisa amaqembu ezepolitiki kuhulumeni wokubambisana kuleli kuzoxazulula izinkinga zokungaboni ngaso linye kula maqembu.
UZibi obekhuluma esithangamini nabezindaba izolo eGoli, uthe kudingeka kuqale kuqiniswe imigomo yokusebenzisana kwamaqembu.
"Hhayi ngoba ngiyichitha eyokuthi kube namanye amaqembu azoba yingxenye kahulumeni wokubambisana kodwa kudingeka kulungiswe imigomo yokusebenzisana. Ukwandisa isibalo samaqembu angikholwa wukuthi kungaxazulula izinselelo zokungaboni ngaso linye kwi-GNU."
Usho lokhu nje i-ANC, okuyiyo eyanxenxa amaqembu ahlukene ukuthi abe yingxenye kahulumeni wokubambisana, ithe izimisele ukwandisa isibalo samaqembu azoba yingxenye yalo hulumeni.
Angu-10 amaqembu akuhulumeni wokubambisana kanti i-DA eyingxenye yalo hulumeni ayihambisani nokuthi kwengezwe isibalo samaqembu.
Amaqembu angeyona ingxenye kahulumeni okubalwa i-EFF, afuna ukungena kuhulumeni kodwa uma kungukuthi i-DA iyaphuma.
Uhulumeni wokubambisana usubhekane nezinselelo eziningi okubalwa nokungaboni ngaso linye ngesabelomali sezwe.
UZIbi uthe kudingeka kushintshwe isivumelwano esikhona kube khona into okuzovunyelwana ngayo ukuthi ingenziwa.
Ukhale ngokuklwebhana phakathi kwe-ANC ne-DA kuhulumeni.
"Sizobhalela i-ANC ngodaba lokuthi kudingeka yande imihlangano yabaholi abakwi-GNU ukuze kuxazululwe izinkinga. Le nkundla izosiza ukuthi kulungiswe izinselelo ezikhona."
Ubalule nokuthi nakuba beyiqembu elincane ePhalamende kodwa bakwazile ukwenza ukuthi ongqongqoshe bazophendula ngabakwenzayo ngasohlangothini lokusebenza kwemali yomphakathi.
"Sinemizuzu embalwa yokuthi sikhulume ePhalamende kodwa siyakwazi ukukhuluma ngezinto ezithinta ngqo abantu. Siza neziphakamiso zokusiza ezinkingeni ezibhekene nezwe."
Uveze ukuthi bazongenela ukhetho lokuchibiyela oluzoba seThekwini ku-ward 64.
Ubalule nokuthi babheka amanye amaqembu abazobambisana nawo njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.
Related Topics: