Izindaba

Lalibhubha izikweletu nezidakamizwa iphoyisa eliboshelwe owe-ANC: ufakazi

Nkosikhona Cele|Published

avelile amaphoyisa amabili abhekene nelokubulala

Image: Armand Hough

LALISOBISHINI lwezikweletu futhi seliphenduke umlutha wezidakamizwa iphoyisa elingummangalelwa wokuqala ecaleni lokusocongwa kwekhansela le-ANC nabanye abathathu.

Abamangalelwa kuleli cala ngoConstable Mayendriam Collin Chetty noConstable Thanduxolo Vincent Phelago. Laba bobabili babekade besebenza bengamaphoyisa esiteshini saseMkhomazi.

Bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoNovemba 8, besemsebenzini ngemuva kokuba kuphothulwe uphenyo ngokubulawa kwekhansela le-ANC laku-Wadi 99, ePort Shepstone, uMnuz Mnqobi Victor Molefe, esigamekweni okuthiwa senzeka ngoSeptemba 11, 2022, eMvutshini, eMargate.

Umufi kuthiwa wadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu emzimbeni nasekhanda. Abanye okusolwa ukuthi babulawa yilawa maphoyisa, nguMnuz Zitha Mqapheli Cele owabulawa ngo-Agasti 22, 2022, esigamekweni okuthiwa senzeka ngaphandle kwasesikoleni Ohlangeni Primary, eGamalakhe.

Umufi kubikwa ukuthi wathulela kuyona indawo yesigameko. Omunye okusolwa ukuthi wabulawa nguMnuz Nhlonipho Nzimande esigamekweni okuthiwa senzeka ngo-Agasti 23, eMahlongwa, eMkhomazi.

Ngaphambilini, umfowabo kaNzimande watshela inkantolo ukuthi uNzimande nalawa maphoyisa babekade bebanga izidakamizwa. Wakuveza ukuthi uNzimande wayeziphilisa ngokudayisa izidakamizwa. Waphinde waveza nokuthi abamangalelwa bobabili babefika njalo bezothatha izidakamizwa esitolo sikamufi. Ngosuku olufanyo okwabulawa ngalo uNzimande, kusolwa ukuthi badubula babulala uMnuz Pilayelo Sydney Buthelezi eMagabheni.

Izolo, iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ilalele ubufakazi bukaQiniselani Mabhida, owayekade enguStation Commander waseMkhomazi ngesikhathi kusebenza abasolwa kuso.

UMabhida utshele inkantolo ukuthi waba nenkulumo ejulile noChetty okuyilapho agonyuluka khona kuyena ngengwadla yokucwila ezikweletini kanjalo nokuphenduka umlutha wezidakamizwa.

''Saba nengxoxo naye wangitshela ukuthi unenkinga yezezimali, wangitshela nokuthi unenkinga yezidakamizwa,'' echazela inkantolo.

Eqhuba uMabhida, uthe ngenxa yalokho waphakamisa ukuba uChetty ayiswe esikhungweni samaphoyisa sangaphakathi esibizwa ngokuthi yi-EHW, esinikeza ngosizo emaphoyiseni abhekene nezinkinga ezahlukene.

Uveze ukuthi umnyombo wengxoxo yabo isukela ekutheni uChetty wayekade elahle isibhamu sasemsebenzini nezinhlamvu eziwu-25, okwathi uma embuza ngakho wathi akasakhumbuli kahle ukuthi ukubeke kuphi nendawo ekhaya. Kodwa wabuye washaya ungqimphothwe, wathi usinikeze uKuben Chetty.

"Kwathi uma ngimbuza uKuben Chetty, walandula. Yilapho-ke engaqala khona ukuqaphela ukuthi ikhona inkinga anayo,'' echaza.

Njengenjwayelo, bekuthi uma kuqhubeka icala, abamangalelwa bobabili belokhu beqhwebana bahlebelana okuthile. Kulokhu bebengawaphethe amaphepha namapeni. Icala liyaqhubeka.