Izindaba

UMBONO: Inkantolo yaseNquthu igcwele izichwensi zabasebenzi

Published

inkantolo

Image: sigciniwe

MHLELI: Langa limbe ngiye enkantolo yaseNquthu ngiyofuna usizo thizeni, nebengingaqali ukuyolufuna, ngabuya senginesiqiniseko sokuthi abantu abaziwa nokuthi bayini laphaya.

Okokuqala ngiya, ngakuqaphela engangikhuluma naye uyisichwensi esixakile ngendlela ayekhuluma ngayo. Kamuva ngiphinde ngaya. Lapha ngikhuluma ngosizo olutholakala egumbini okuthiwa kusenombolo 07. Uma ufika laphaya uhlala ngaphandle ebhentshini ulinde ngoba awazi ngaphakathi banomuntu noma akunamuntu.

Silinde kwayisikhathi esingangehora lapha khona kuqhamuke owesilisa wavula umnyango watshela abangaphakathi ukuthi abantu baningi emnyango, nokuyilapho kuphume intokazi thizeni yathi asingene.

Sesiphakathi senqakwe ngombuzo othi yini singangenanga, nawo lo mbuzo owuzwayo nje unengcwenso phakathi ngoba umnyango uvaliwe. Futhi uzothi uyangena kuthiwe ungene nje ubizwe ubani ngoba ulinda kuphume ophumayo bese kuba yima ungena.

Kubalulekile-ke ukungaphikisani nesichwensi, uvele wehlise umoya. Kwenziwe okwenziwayo, kwafuneka ngiyofuna okunye kwenye indawo ngokugunyazwa yibo njengenkantolo. Ekubuyeni kwami ngehora leshumi nambili, ngibuye kwathiwa ubuxhakaxhaka bemishini noma ama-computer awasasebenzi nokuyinkinga engadibana nayo nakuqala ngonyaka odlule, futhi okwashiwo ngesikhathi esifanayo.

Omunye wabo wayelele. Kanti sisangena okokuqala, babezicofela izingcingo zabo bezifudumeze nange-aircon. Thina siqhuqhwa amakhaza phandle. Asazi-ke thina, yibo abaziyo. Kodwa ngiyazibuza ukuthi iziphathimandla le nkinga aziyilungisi ngani ngoba isinesikhathi.

Ebengifisa ukukwedlulisa nje ukuthi uma size enkantolo, asizile ukuzogcwanekelwa zisebenzi zakhona. Okumangazayo lezi zichwensi ezesifazane, bona laba okuthiwa abanikwe amathuba. Akobe niyezwa lapho e-number 07. Yekani ukwedelela. Kungenjalo sukani kungene abantu abaziyo ukuthi baqashelwe ukuthi basize umphakathi futhi bayakuholela lokho nyanga zonke.

Sibusiso Madoda Hadebe

ENQUTHU