Izindaba

Lilaxaze isicelo sebheyili iphoyisa elibhekene nelokubulala umkalo

Nkosikhona Cele|Published

UMSOLWA, uSenior Constable Qiniso Sishi osolwa ngokubulala inkosikazi, ebonakala ezihlekela ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini

Image: ZIMBILI VILAKAZI

KWENZEKE obekungalindelekile ngoMsombuluko, iPhoyisa likaMasipala weTheku elibhekene necala lokubulala umkalo, lihoxisa isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.

USenior Constable Qiniso Sishi (41), uthweswe uMbuso icala lokubulala umkakhe obengummeli, u-Advocate Thandokuhle Mkhize (48).

Kusolwa ukuthi leli phoyisa labulala umufi ngokumgwaza emzini wabo eMontclair, eThekwini. Umufi kuthiwa washonela endaweni yesigameko, kwathi uSishi waphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokuba ezame ukuzibulala ngokuzisika imithambo yegazi ezihlakahleni. Bekulindeleke ukuthi kuqalwe kwenziwe isicelo sebheyili.

Kodwa ummeli kaSishi utshele inkantolo ukuthi akayidingi okwamanje ibheyili ngenxa yezizathu ezahlukene.

Ngaleso sikhathi, uSishi ubebonakala ebheke phansi samuntu odidekile nocabanga emajukujukwini. Ngaphambilini, udadewabo kamufi, uDkt Thobeka Ntshevu, waveza ukuthi ezikhathini eziningi umufi nomsolwa babebukeka njengabantu abajabulile kakhulu othandweni lwabo, kungekho okusolisayo.

"Kodwa ke ngeke uze wazi izinto ezenzekayo uma abantu sebebodwa,'' washo kanje.

Omunye udadawebo kamufi, uNksz Khumbuzile Mkhize, phambilini watshela Isolezwe ukuthi umsolwa wahlasela umufi eselele emva kokuba bobabili sebebuye ezindaweni zobumnandi ngokwahlukana. Wathi umufi wayekade ezikhiphe nabanye abangani beye endaweni yokudlela enkabeni yeTheku eMtateni, umsolwa yena eye eMlaza nabangani bakhe.

Kuthiwa umsolwa owafika ekhaya kamuva, waqala ingxabano, umufi wezwakala esememeza ecela usizo okusolakala ukuthi kwakungaleso sikhathi ayesemgwaza ngaso.

Emva kwalokhu, kuthiwa umsolwa wayegxamalazele isidumbu, ala ukhasha kwababezama ukusondela, ebasabisa ngokuthi uzobabulala. Imantshi, uMnuz Scelo Zuma, ilihlehlisele uSepthemba 29, icala.