Izindaba

Igcagcele esokeni kwimeya yasoPhongolo ngesinqumo seSilo ngoMkhosi woMhlanga

Nkosikhona Cele|Published

Umkhosi woMhlanga

Image: sigciniwe

INXENXA abatshalizimali ukuba bangabe besacabanga kaningi kodwa basondele eduze kuthuthukiswe indawo yasoPhongolo iMeya yakule ndawo uMnuz Bheki Thwala, njengoba ithi ukholwa wukuthi ukuza koMkhosi woMhlanga kuzoyithuthukisa le ndawo.

UThwala ukhulume kanje ngesikhathi kunemidlalo eyahlukene ebikade ihlelwe yiwona lo masipala. Kuzokhumbuleka ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini simemezele ukuthi uzothuthelwa esigodlweni esiseMashobeni uMkhosi woMhlanga ususwa esigodlweni eNyokeni.

UThwala uthe bayabonga eSilweni ngokuthatha isinqumo sokuba uMkhosi uze kule ndawo. Uthe akangabazi nakancane nje ukuthi le ndawo izobonakala ithuthuka kakhulu kunakuqala.

''Le ndawo izobonakala ikhula kakhulu ngenxa yokuza koMkhosi woMhlanga kuyona. Esikucelayo nje wukuthi mabasondele phela abatshalizimali kukhulunywe ukuthi singayithuthukisa kanjani indawo yasoPhongolo,'' usho kanje.

Uthe kuyimanje izindawo eziningi zokulala sezigcwele abantu abafuna ukuzoba yingxenye yalo mkhosi.

''Lokhu nje kukodwa kukutshela kahle ukuthi uMkhosi woMhlanga uzoletha umehluko ongakanani kubantu bakule ndawo namaphethelo,'' kuchaza yena.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokudlondlobala kwale ndawo kusuka manje kuya phambili. Uveze ukuthi enye yezinto abatshalizimali okumele bangenelele kuyona wukwakhiwa kwamahhotela kule ndawo.

''Kule ndawo kugcwele kakhulu ama-lodge kodwa manje sekumele kushintshe lokhu ngoba baningi kakhulu abantu asebezoza njalo uma kuza lo mkhosi,'' kuchaza uThwala.

Mayelana nemidlalo ebebeyihlelile, uthe inhlosongqangi yayo wukukhuthaza abantu abasha ukuba bagxile kwezemidlalo bakhohlwe wuphuzo oludakayo kanye nezidakamizwa.

"Sifuna ukubona abantu abasha bethu begxila kakhulu kwezemidlalo kunokuthi benze ubugebengu noma bacwile ophuzweni oludakayo." 

Uhalalisele uMelokuhle Nxumalo noNomvelo Makhubo, amantombazane adlala ikarate ngokuthola ingqayizivele yethuba lokuyomela iNingizimu Afrika eJapan ngonyaka ozayo. Njengoba kuyinyanga yabesifazane ube nomyalezo wokuthi kumele abesifazane banakekelwe futhi bathandwe. Ugcizelela kakhulu ukuthi ikhaya elinozinzo yilapho owesifazane ephatha kahle umyeni, nendoda inakekela umkayo.