Izindaba

Kuyaphenywa ngomlilo oqubuke edepho yakwaGreyhound

Nonkululeko Nhlapo|Published

Mathathu amabhasi eGreyhound ashile kuqubuka umlilo edepho.

Image: Sithunyelwe/EMPD

Kuyaphenywa ngomlilo oqubuke edepho yakwaGreyhound eJet Park, eBoksburg, ngeSonto, ushise amabhasi amathathu ne-trailer kungazelelwe futhi ngendlela engaqondakali.

Abezicishamlilo bngaphansi kophiko lwe-Ekurhuleni Emergency Management Services (EMS) basebenze ngokushesha ukuze banqande amalangabi, ukuze umlilo ungabhebhetheleki kwenye impahla. Kusindisiwe amabhasi amabili ayiswa endaweni ephephile.

Okhulumela i-EMS u-Eric Maloka ukuqinisekisile ukuthi abekho abalimele ababikiwe.

"Umlilo unqandekile futhi ngokubambisana jwabezicishamlilo ne-ACA. "Amabhasi amabili asusiwe ayiswa endaweni ephephile," kusho uMaloka. 

Imbangela yomlilo iyaphenywa.