Izindaba

Ikhathazekile iSASSA ngomasingcwabisane ababamba imali abanikazi bengazi

Mhlengi Shangase|Published

Sassa

Image: Sigciniwe

IKHATHAZEKILE inhlangano ekhokha izibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency (SASSA), ngokwanda kwezehlakalo zokubanjwa kwemali yabahola lezi zibonelelo ekubeni bona bethi abazi ngale mali.

Le nhlangano ithe ithola izikhalo ezivela kwabahola izibonelelo, bekhala ngokuthi izinkampani zemishwalense nomasingcwabisane zibamba imali yabo ekubeni bengazange bayithathe le mishwalense.

UMnuz Themba Matlou, isikhulu esiphezulu seSASSA, uthe abahola izibonelelo bacabanga ukuthi lezi zinkampani zisebenzisana nabo.

Uthe beyiSASSA abanalo ilungelo lokubamba imali yabahola izibonelelo.

"ISASSA ayinalo ilungelo lokubamba imali. Imali eyenu asinalo ilungelo lokuthi sinqume ukuthi niyisebenzise kanjani. Ngeke sisebenzisane nezinkampani zomasingcwabisane noma imishwalense ukuthi sibambe imali," usho kanje.

Uthe ababanjelwa imali bengazi abaye emahhovisi abo bayobika.

"Sizophenya uma sekukhona ababikile. Abachitha ukuthi bayazi ngemali ebanjwayo bangathumela i-sms ku-34548, bafake inombolo yabo kamazisi negama laleyo nkampani ebamba imali." 

Uthe abaye nasemahhovisi alabo ababamba imali bayobika.

Udalule nokuthi akuvumelekile ukuthi kubanjwe imali yomshwalense kwabahola isibonelelo sezingane esaziwa ngemali yeqolo kanjalo nabahola i-Care Dependency Grant, noma i-Foster Child Grant. Ubalule nokuthi nalabo abahola isibonelelo i-Temporary Disability Grant, akuvumelekile ukuthi babanjelwe imali yimishwalense.