Izindaba

I-ANC icabanga ukujuba kwesobumeya owagwetshelwa elokubulala

Willem Phungula|Published

URussel Ngubo, i-ANC KwaZulu-Natal ecabanga ukumfaka kwesemeya yaseMpendle

Image: Sigciniwe

UKHONGOLOSE udingida ukubeka owalahlwa yicala lokubulala, uRussel Ngubo, kwesobumeya kuMasipala waseMpendle.

UNgubo walahlwa icala lokubulala ilungu le-IFP, uMnuz Ernest Nzimande, ngo-1998, ngesikhathi kubhoke udlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal.

UNgubo wagwetshwa iminyaka engu-25 ebhedla ejele, wakhishwa ngoshwele ngo-2017.

Igama likaNgubo kuthiwa lisohlwini lwamagama okuzokhethwa kuwo ozokuba imeya.

La magama kuthiwa kudingidwe ngawo emhlanganweni wobuholi be-ANC esifundeni iMoses Mabhida, nobuholi benhlangano esifundazweni.

Umthombo ongaphakathi kwi-ANC, uthe onke amagatsha e-ANC eMpendle asho ngazwi linye ukuthi afuna ukuba uNgubo abe yimeya.

"Akekho omunye esimbonayo ofanelwe isikhundla. Asiboni okungamvimba ukuba abe yimeya ngoba usasiqeda isigwebo sakhe."

UNgubo uthe akazi ukuthi igama lakhe liphakathi kwalawo okuzokhethwa kuwo ozokuba imeya kodwa wathi ngeke anqabe uma eqokwa.

UNgubo uthe kuyaziwa ukuthi uyena nomngani wakhe owagwetshelwa icala lokubulala, uThami Memela, babancenga abantu baseMpendle ukuba bashiye i-IFP.

Njengamanje uNgubo uwusihlalo wegatsha le-ANC kuWard 1.

I-ANC ithe ibingakaluphothuli uhlelo lokuqoka imeya entsha.

UMasipala waseMpendle nowaKwaDukuza sebehlale isikhathi eside bengenazo izimeya.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe sebesemaphethelweni okuqoka abazongena ezikhundleni.

"Izinhlelo zangaphakathi kwi-ANC zokuqoka abazongena ezikhundleni ziyaqhubeka. Ezinsukwini ezilandelayo sizokwenza isimemezelo ngalezi zinhlelo."

USibisi uthe kubalulekile ukuba kuqokwe abazongena ezikhundleni ukuze kungeke kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo.

"Sifuna ukubona le mikhandlu isebenza ngendlela khona izokwazi ukuhambisa izidingo kubantu. Ingakho sikubeke eqhulwini ukuqokwa kwabazongena ezikhundleni."

UMasipala waKwaDukuza wasala ungenayo imeya kanye nephini lemeya emva kokusula kukaMnuz Ali Ngidi noMnuz Njabulo Cele, ngasekuphelni kwenyanga edlule.

Umhlangano owawubizelwe ukuqokwa imeya nephini lemeya elisha, wahlehliswa ngemizuzu yokugcina.

Kunamahlebezi okuthi i-ANC ifuna ukuqoka owayeyimeya yoMasipala wesiFunda iLembe, uMnuz Siduduzo Gumede, ukuba abe imeya.

Kuthiwa i-ANC ifuna ukuba owayeyimeya yomkhandlu, uNksz Lindile Nhaca, abe yiphini lemeya.

UMasipala waseMpendle wasala ungenayo imeya emva kokukhishwa kukaMnuz Buyisani Mlaba, ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule.

UMlaba wakhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.

Isiphakamiso safakwa amaqembu aphikisayo, amakhansela e-ANC awazange avote.