UMPHATHISWA wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka
Image: Sigciniwe
PHEZU kokuba imali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards KwaZulu-Natal eyasusa umsindo phakathi kwezinyunyana zothisha nomnyango wezeMfundo esifundazweni isikhokhiwe, kodwa uMphathiswa woMnyango uMnuz Sipho Hlomuka, uthe basadinga enye imali.
Ukungakhokhwa ngesikhathi kwale mali kwasusa umsindo omkhulu okwenza izinyunyana zahudula izinyawo zifuna ikhokhwe. Zaze zaduba nokubhalisa izivivinyo zikhala ngokuthi izikole azinayo imali yokuzibhalisa ngenxa yokushoda kwezinsiza.
Zazikhala ngokuthi kuphela isikhathi eside le mali ingakhokhwa. Lokhu kwakwenza ukuthi izikole zingakwazi ukuthenga ezinye izinsiza kulezo eziziphathela imali. Izinsiza kubalwa ukungakhokhelwa kukagesi namanzi, ukuthengwa kwezincwadi okubandakanya ne-stationery noshoki, kanjalo nezinye izinsiza ezibandakanya nemali yokulungisa uma kukhona izinto ezonakele ezikoleni.
UHlomuka uthe bazikhokhele izikole imali abebeyikweleta.
"Siwukhokhile uR900 million, ebesiwukweleta izikole ngosizo lukandunankulu nehhovisi likaMgcinimafa. Noma sesiyikhokhile le mali kodwa sisadinga enye," kusho uHlomuka.
Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezemfundo esiShayamthetho kuleli sonto.
Inkinga yokungakhokhelwa kwezikole nosonkontileka abenza imisebenzi nomnyango yinkinga ebhekene nalo mnyango esifundazweni.
Osonkontileka okubalwa abaphakela izikole, abasabalalisa izincwadi, abagaya amaphepha ka-matric nabanye bahlale bekhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi.
Izinyunyana zothisha zaze zahlaba ikhwelo lokuthi lo mnyango ufakwe ngaphansi kokulawulwa wuMnyango kazwelonke ngenxa yezinselelo obhekene nazo.
Izikhulu zomnyango zihlale zikhala ngokuthi ukunqanyulelwa isabelomali kunomthelela wokuthi ungakwazi ukumelana nezinye izikweletu.
Kanjalo nendaba yokunyuswa kwamaholo abasebenzi ngaphandle kokuthi umnyango kazwelonke ufake lowo chatha wokunyusa amaholo, kwenza umnyango kudingeke uhlwaye imali yokukhokhela abasebenzi kwezinye izinhlelo ukuze lingenzeki iphutha lokuthi bangaholi.
Amalungu esiShayamthetho azwakalise ukukhathazeka ngokuhluleka komnyango wukukhokha ngesikhathi.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi umnyango ugcina usukhokha nenzalo ngenxa yokuthi awukwazi ukubakhokhela ngesikhathi osonkontileka.
Related Topics: