Izindaba

Lizoqulwa ekupheleni konyaka elendodakazi kaZuma

Nkosikhona Cele|Published

UNKK Duduzile Zuma-Sambudla kanye nommeli wakhe u-Advocate Dali Mpofu

Image: ISITHOMBE : DOCTOR NGCOBO

LIZOQALA ukuqulwa ngasekupheleni konyaka icala likaNkk Duduzile Zuma-Sambudla obekwe wuMbuso icala lokuphehla udweshu ngesikhathi sezibhelu zango-2021. Izindaba zokuthi leli cala selizoqala ukuqulwa zivele izolo ngesikhathi uNkk Zuma-Sambudla evele enkantolo eNkulu.

UMbuso nenkantolo bavumelene ngokuthi kusetshenziswe usuku lwangoNovemba 10 kuya ku Novemba 21 kuwona lo nyaka. UNkk Zuma-Sambudla usolwa wuMbuso ngokuthi  wayegqugquzela eyezibhelu zango-2021, ezashiya umonakalo omkhulu KwaZulu Natal naseGauteng.

Izibhelu zaqubuka emva kokuthi uZuma ezinikele ejele eliseMtshezi, okwaholela ekucekelweni phansi kwempahla kanye nokuzitapela kwabantu ezitolo ezehlukene. Lezi zibhelu zadala umonakalo ka-R50 billion emnothweni, inqwaba yalahlekelwa yimisebenzi. Kwashona abantu abangu-345.

Ngesikhathi kuqhubeka izibhelu uNkk Zuma-Sambudla wayelokhu efaka ekhasini lakhe kwi-X, izigameko ezazenzeka zihambisana nombhalo owawuthi : ''Siyanibona'' bese eyigagula ngegama indawo okwenzeka kuyona isigameko. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini uMnuz Jean Le Roux, wenhlangano iForensic Research Lab, wathi imibhalo kaNkk Zuma-Sambudla yayikhombisa ukuthi ukushayela ihlombe okwabe kwenzeka ngesikhathi sezibhelu.

Omele uNkk Sambudla-Zuma, u-Advocate Dali Mpofu, wenze izethulo evezela inkantolo ukuthi umsolwa uyakuvuma ukuthi kukhona izinto ayezibhala ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ekhasini lakhe i-X, kodwa ngalokho wayengakaze athume muntu ukuthi kube khona akwenzayo.

Esekhuluma nabezindaba uNkk Zuma-Sambudla, uthe ujabule kakhulu ngokuthi kuvunyelwane ngezinsuku zokuqala ukuqulwa kwecala.

Uthe lokhu kubuyise ithemba kuyena njengoba ethe ukholwa wukuthi okuningi sekuyovela khona. Nakulokhu ngaphandle kwenkantolo abanye babaholi boMkhonto weSizwe baqhubekile nokusola inhlese yezepolitiki bethi iyona edale ukuthi aze ahambe icala uNkk Zuma-Sambudla.

UNobhala weqembu, uDkt Bongani Mncwango, uthe bakhathazekile kakhulu ngecala elibekwe uNkk Zuma-Sambudla.

Uthe ayikho into ephathekayo uMbuso onayo mayelana naleli cala. Usole inhlese yepolitiki njengoba uNkk Zuma-Sambudla ejezela ukuthi uyindodakazi kaMsholozi.

''Lo mntwana ujezela ukuthi uyindodakazi kaZuma, akukho futhi okunye okudlula lokho. Kodwa kuzogcina kuvela ukuthi ayikho into ayenza kodwa ufela icala angalazi. UMkhonto uzoqhubeka nokuma naye kuze kube sekugcineni,'' usho kanje.