UNGQONGQOSHE wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uDkt Pieter Groenewald uvakashele ijele iWestville eThekwini kuvulwa ibhikawozi okubhaka kuyona iziboshwa
Image: Sibonelo Ngcobo/Independent Newspaper
ILINGANISELWA ku-R3 million imali ezokongiwa wuhulumeni ngonyaka kulandela ukuvulwa kwebhikawozi entsha ejele laseWestville, eThekwini.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uDkt Pieter Groenewald izolo, ngesikhathi ehambele leli jele ivulwa ngokusemthethweni.
UGroenewald uthe lesi sinyathelo singeminye yemizamo uhulumeni agqugquzela ngayo ukuzimela kwamajele, ukuncishiswa kwezindleko kanjalo nokunikezelwa kwamakhono eziboshweni.
"Leli bhikawozi lizosiza kakhulu ekongeni imali abayisebenzisayo ngoba sebezozenzela izinkwa. Imali ezokongiwa ngonyaka ilinganiselwa ku-R3 million."
Uveze ukuthi ilinganiselwa ku-R7 million imali abayisebenzisile, wathi nokho lokho bakuthatha njengokutshala imali.
"Lokhu kuzophenduka inzuzo esikhathini esingaphezu kweminyaka emibili," usho kanje.
Uthe isinkwa ngaphakathi ejele siyinto ebaluleke kakhulu njengoba iziboshwa zisidla nsuku zonke.
Ube eseveza ukuthi lena yibhikawozi ka-13 ukwakhiwa wumnyango, wathi banethemba lokuthi u- 2028 uzoshaya sesifinyelele ku-20 isibalo samabhikawozi abazobe sebewakhile.
Udalule ukuthi njengamanje imali eyongekayo ngokusebenza kwalawa angu-13, ingu-R7 million.
Uthe uhlelo lokukhethwa kwabazosebenza ebhikawozi luzobandakanya ukuthi kubhekwe amarekhodi eziboshwa kanjalo namafayela azo achaza kabanzi ukuthi zikusiphi isigaba bese bebheka nokuthi zake zenzani okungaba amakhono.
"Sizobe sesikhetha abakulungele, emva kwalokho luqale uhlelo lokulungiselela ukusebenza kwebhikawozi. Bangaphezulu kuka-50 abazoqala ukusebenza. Kufanele bakujabulele kakhulu laba abayingxenye yebhikawozi ngoba siqeqesha osomabhizinisi okuzothi uma bephuma ezandleni zethu baziqalele amabhizinisi athi bona, besebenzisa amakhono esibanike wona.”
Lo mnyango unezinye izinhlelo okubalwa ezolimo, ukukhiqiza indwangu nokunye.
Uthe bazimisele ngokuqhubeka bathuthukise amakhono eziboshwa ukuze zilungele impilo uma seziphumela ngaphandle, wathi lolu hlelo luzokhipha izitifiketi eziqinisekisa ukuthi leli khono balifundele ngaphakathi.
Related Topics: