Usizi emndenini womfana owaminza kwagcina kutholakala umlenze kuphela
Image: iStock
UPHOQELEKE ukuthi ungcwabe umlenze wodwa umndeni womfundi waseNtshawini, KwaDukuza, ngeSonto, kuhamba isikhathi zingatholakali ezinye izingxenye zezitho zakhe, kulandela ukuminza ngesikhathi ebhukuda olwandle nabangani.
UMnqobi Mngadi (15) obefunda uGrade 8 eTshelenkosi High, eShakaville, kuthiwa waminza ngoJulayi 1, kulo nyaka, ehambe nabangani abane olwandle "KwaMjekisi", okungavumelekile ukubhukuda kulo olungaseMvoti Mouth.
Unina, uNksz Zinhle Mngadi, utshele Isolezwe ukuthi bagcine benquma ukulungcwaba lodwa unyawo lwendodana yakhe njengoba bebebona kuhamba isikhathi zingatholakali ezinye izitho.
Elandisa ngesigameko, uthe indodana yakhe yaminza ngesikhathi yona nabangani ababili sebebhukuda isibili, abanye ababili sebephumele ngaphandle kolwandle, bekhala ngokuthi abasazizwa kahle.
“Kuthiwa baqale baya phambili bonke, okubalwa naye uMnqobi. Laba abanye ababili, babonakala bebuya, yena washona phambidlana, okuyilapho azwakala esememeza khona umngani wakhe omkhulu (owayekulaba ababehleli ngaphandle kolwandle), ethi akayomcelela usizo ngoba akusabhukudeki, kukhona into embambe unyawo,” kusho uNksz Mngadi.
Uthe bazama abangani ukubiza abahlengi (lifeguards), abafika ntambama, bekhala ngokuthi balitshaziswe ukuthi baqale baya kolunye ulwandle "laKwaMjekisi" olukwenye indawo, beluphambanisa nalolu okwakwenzeke khona isigameko.
“Bambheka kodwa bangathola lutho, bakhala nangokuthi lapho okuthiwa uminze khona kugcwele amatshe kangangoba kukhona ngisho nawudonga,” kusho kanje unina.
Uthe ukucingwa kukaMnqobi kwagcina sekudluliselwa kubatshuzi (divers), ababelokhu bemcinga kodwa ngendlela engawugculisi kahle umndeni.
“Babengangeni ngaphansi bayobheka kodwa babelokhu betshuza ngaphezulu. Bathi ingane yami ayisekho la eyayiminze khona, bathi isidumbu sayo sesingaphuma kolunye ulwandle KwaDukuza, Richards Bay kanjalo nasePort Shepstone,” usho kanje.
Uthe kukhona abenkampani ezimele ababatshela ukuthi babukile ngezipopolo, babona kukhona into esasidumbu egaxele ematsheni kodwa kuthi uma lolo lwazi selwedluliselwa kubatshuzi bamaphoyisa, bavele baluchithe, bathi inhlabathi leyo ebonwe abezipopolo.
Udalule ukuthi omunye owayesuka kubatshuzi baseThekwini amgagule ngegama, walimisa ngesihloko elokuthi ngeke yena abeke engcupheni impilo yabatshuzi bakhe ngoba ulwandle luphenduka ngamandla kule ndawo okuthiwa kubonwe kuyo into esamuntu ngezipopolo, wathi bekuwuJulayi 7, emva kwezinsuku ezimbili kade eyonikela eBuhleni, ngesikhathi ethola umbiko wokuthi kutholakale umlenze olwandle lwaseZinkwazi.
“Ngiyile ukuyolubheka, ngilahlela, ngafika ngabona ukuthi akulona olwendodana yami. Nakuba kunjalo, amaphoyisa angiyalela ukuthi ngenze ulibofuzo,” kusho uNksz Mngadi.
Uthe uthole ucingo emaphoyiseni ngo-Agasti 1, 2025, amaphoyisa ethi isibuyile imiphumela yolibofuzo, wathi athe abeze bezoyibheka ngo-Agasti 4, 2025.
“Sithe uma sifika, sathola ukuthi ithi owayo indodana yami umlenze,” usho kanje.
Uthe babe sebeluthatha beluyisa emakhazeni azimele, okuyilapho aphinde wayolubukisisa kahle esephethe nesithombe.
“Ngigcine ngibona ukuthi olwayo ngempela indodana yami, sengibukisisa ngisho nezinzwane.”
Uthe okwenze balubambela inkonzo yomngcwabo kwangathi kungcwatshwa umuntu ophelele, ukuthi abantu abazi isizulu bathe kuyenziwa lokhu ezimweni ezifuze lezi.
“Ngithe angivele ngingcwabe lokhu okukhona ngoba anginaso isiqiniseko sokuthi zikhona yini ezinye izitho engiyobuye ngizithole,” kusho uNksz Mngadi.
Uthe ubone kungeke kumsize ukulokhu ehlalise umlenze undendende emakhazeni, waqhuba wathi kukhona amasiko enziwe okubalwa nelokugeza amanxeba njengoba kucaca ukuthi indodana yakhe ayishonanga ngokugula.
Uveze ukuthi baphinde benza elinye isiko lokuhlanganisa isidumbu sakhe ngokomoya.
“Uma kukhona ezinye izingxenye zesidumbu sakhe ezitholwayo emva kwalokhu, nazo ngiyozingcwaba ngokuthi ngigubhe lapho esingcwabe khona umlenze, ngizifake,” usho kanje.
Nokho uthe namanje usezwa ubuhlungu ngokumehlele, wathi usele nemibuzo yokuthi zishonephi ezinye izitho zendodana yakhe.
Sishicilelele amaphoyisa engakaphenduli ngalesi sehlakalo.