IPHOYISA elasocongwa eNanda, uSergeant Sanele Dlamini
Image: sithunyelwe
UMNDENI wephoyisa elabulawa ngesihluku ngaphandle kwesitolo sangakubo eNewtown C, eNanda, ngo-Ephreli kulo nyaka, uthe namanje usabubhekile ubulungiswa ngokubulawa kwalo.
Ukusho lokhu kulandela isimemezelo samaphoyisa aKwaZulu-Natal sokuthi ngoLwesibili ebusuku athele othulini abasolwa ababili, abathinteka kulesi sigameko.
Esigamekweni sango-Ephreli 8, 2025, kwadutshulwa, kwashona uSergeant Sanele Dlamini (36), owayesebenza ophikweni lokuqashwa kukamengameli (uMnuz Cyril Ramaphosa) uma eze esifundazweni. Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi wahlaselwa amalungu eqembu lemigulukudu iWest, aphinde abe ngomakhelwane bakhe.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa abasolwa abahlanu, bamfica esathenga i-airtime esitolo bamdubula. Kwavela ukuthi wakwazi ukudubula, alimaze umsolwa oyedwa, ngaphambi kokuba aphangalale. Lowo msolwa, okuthiwa usahamba icala namanje, waboshwa amaphoyisa ngesikhathi eyofuna usizo lwezempilo emtholampilo wendawo emva kwesigameko.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda izolo, abasolwa ababili ebebefunelwa amacala ehlukene, okukhona kuwo elokubulala iphoyisa, elokuzama ukubulala noxhaxha lwamacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe badutshulwe bafa ngesikhathi besusa impi yesibhamu namaphoyisa.
Echaza kabanzi ngalokhu uNetshiunda, uthe amaphoyisa abelandela umkhondo wokuthi abasolwa abebafuna babhacephi.
“Umkhondo wamaphoyisa uwaholele komunye umuzi oseMaplazini, eNanda. Kuthe uma efika amaphoyisa, ezethula, eyalela abasolwa ukuthi bavule umnyango, bona bavele baphendula ngenhlamvu,” kusho uNetshiunda.
Uthe akukho okunye amaphoyisa abengakwenza ngaphandle kokuthi nawo abuyisele ngayo inhlamvu ukuze azivikele.
“Ngesikhathi kudutshulwana, kusale enkundleni abasolwa ababili abaneminyaka engu-20 nengu-21. Kutholwe nesibhamu ebesinenombolo exikiziwe kubona abasolwa,” kusho uNetshiunda, oveze ukuthi kulesi siwombe, akubanga khona phoyisa elilimalayo.
Umfowabo kaDlamini, uMnuz Siya Dlamini uthe basabufuna ubulungiswa ngokubulawa kukamufi, wathi amaphoyisa abengakabazisi ngokusemthethweni ukuthi sekukhona asebabulele.
“Thina besisalokhu silandela lo oyedwa owaboshwa emva kokubanjwa emtholampilo. Ubelokhu evela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, icala lihlehla,” kusho uDlamini.
Uveze ukuthi bagcine bekuduba ukuhamba icala ngenxa yokuhlehla kwalo njalo.
“Umphenyi waze wasithembisa ukuthi uzositshela uma seliqala ukuqulwa,” usho kanje.
Uthe bekungakabibikho umphenyi abesakushilo kubona ngalaba abanye abasolwa abane ngaphandle kwalo oboshiwe.
“Ubulungiswa sisabufuna siwumndeni,” kusho uDlamini, othe emva kokubulawa kukamfowabo, abanye babasolwa bebebuye babonakale endaweni njengoba bengomakhelwane.