Umlilo ISALE ishe kanje indlu yowesifazane okuthiwa ishiswe ngowesilisa obengafuni ukwaliwa
Image: fire
OWESIFAZANE waseZimbokodweni KwaMakhutha eNingizimu yeTheku, uthe uyokuxoxela amagwababa echobana okumehlele ngesikhathi obeyisoka lakhe, eshisa indlu futhi eshaya phansi ngonyawo ethi akaliwa yena ngakho kungamane kuphume isidumbu.
UNksz Celiwe Myeni (38), uthe namanje usazibuza uyaziphendula ukuthi kungani obeyisoka lakhe ekhethe ukwenza into enjengalena. Uthe uhlala emqashweni eZimbokodweni kanti bese kuphele isikhathi eside ejola nowesilisa amgagule ngegama.
Ngenxa yokuhlukumezeka uthe ugcine esemala. "Angikaze ngithole ukuhlukumezeka okunjeya empilweni yami. Lo muntu ubengishaya nsuku zonke. Angagcini lapho aphinde ashaye nomntwana wami engamthola komunye engangithandana naye ngaphambi kokuba ngihlangane naye. Le nto ibingihlukumeza kakhulu,'' usho kanje.
Uthe ngenxa yaleso sizathu ugcine ebona kukuhle ukuthi akamane amale ukuze engagcini esephuma ngebhokisi kulobu budlelweno.
''Ngikhethe ukumane ngimshiye ngoba bese ngibona kahle ukuthi uma ngiqhubeka ngihlala, ngizofa. Ngamtshela naye ngesikhathi ngimala ukuthi sengikhathele wukuhlukumezeka nesibhaxu sakhe sesingakhathazile,'' echaza.
Uthe owesilisa wamane wamtshela emakhaleni ukuthi akaliwa yena ngoba akasiyona into yokudlala. ''Wangitshela ukuthi njengoba ngashelwa nguyena kusho ukuthi uyena futhi oyosho uma esefuna ukuthi kuhlukwane.''
Uthe owesilisa ubenawo umkhuba wokuza emqashweni wakhe okwaMakhutha ezomncenga ethi ufuna babuyelane. Uqhube wathi ngoLwesihlanu ufikile njengenjwayelo kwathi uma ephinde emchitha wamtshela ukuthi usekhathele wukumncenga kumele azi ukuthi indlu yakhe yomqasho uzoyishisa ntambama.
"Angizange ngizitshele ukuthi uqinisile ngale nto abeyisho kanti umuntu akadlali uzobuya ngempela ngalolu suku,'' usho kanje.
Uthe ngenhlanhla ngesikhathi ebuya ezoshisa indlu yena ubengekho esaphumile.
''Ngiyazibuza nje ukuthi yini ebizokwenzeka ukuba bengikhona endlini.''
Ubalise ngokuthi ufe olwembiza njengoba kungqongqe yonke into yakhe ebikade ikhona ngaphakathi endlini. "Kuyimanje ngisele ngiyimina anginazingubo, anginayo indawo yokuhlala. Yaze yabuhlungu into eyenziwe ngumuntu ngoba nakhu enqaba ukwaliwa nje."
Umnikazi wendlu yomqasho uNksz Nomvula Dlamini, uthe sibashiye bebambe ongezansi isenzo sowesilisa. Uthe naye wamuzwa owesilisa esonga esho ukuthi uzolishisa igumbi okuhlala kulona owesifazane uma kuya ngokuthi uyaqhubeka nokudaza inkani engafuni babuyelane.
Ethintwa umsolwa ebuzwa ngalolu daba uvele waluvala ucingo. Eseshayelwa okwesibili bese lungasangeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko. Uthe kusolakala ukuthi owesilisa owaziwayo endaweni ungqongqise indlu yomqasho yomuntu wesifazane amaziyo eZimbokodweni. Uthe amaphoyisa aphenya leli cala kodwa imbangela ibingakaziwa.