UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, unxuse ukuthi umnikelo ‘wezinkomo ezimbili’ awunikelelwe abantu abasebenzisa inkundla yokuxhumana i-X, uyiswe esikhwameni semali efundisa izingane zamaphoyisa afela emsebenzini.
UMkhwanazi usho kanje emva kokuvela kokuthi imali eqoqwe ngohlelo lweBack A Buddy Campaign, igcine ihlangana uR44 000.
Yaba wumbono kaChris Excel, ongomunye wabasebenzisa inkundla yokuxhumana i-X, emva kokuthi uMkhwanazi ededele amabhomu esithangamini nabezindaba ekuqaleni kwenyanga edlule.
UMkhwanazi uthe uthanda ukubonga kuChris Excel ngokuza nombono wokweseka ukusebenza kwamaphoyisa.
“Nakuba umbono kwakuwukuthi ngithengelwe izinkomo futhi ngikuthakasela lokho, kodwa ngiyisisebenzi somphakathi. Umphakathi uvele uyangibonga ngokwanele ngomholo engiwuhola nyanga zonke. Ukhokhwa yimali yentela esiholelwa ngayo njengezisebenzi zomphakathi, nami ke ngingomunye wedlanzana elakhethwa ukuthi ngiwusebenzele umphakathi,” kusho uMkhwanazi.
Uthe ngaleso sizathu, ufisa ukucela uChris Excel ukuba umnikelo awufake esikhwameni iSouth African Police Educational Trust (SAPET), ekhokhela izindleko zesikole zezingane zamaphoyisa abulawa esemsebenzini.
“Unyaka nonyaka sihlanganyela eziNdlini zoMbuso ePitoli siyokhumbula amaphoyisa abulawa esemsebenzini. Amaningi awo, afa emancane, engakabi nemali etheni azoyishiyela izingane zawo,” kusho uMkhwanazi.
Uthe lesi sikhwama silekelela kakhulu enfundweni yezingane ezisuke zisele dengwane.
Khonamanjalo, ubuholi bamaphoyisa buzokwamukela amaphoyisa angu-1 918 embuthweni wamaphoyisa ezifundazweni ezehlukene namhlanje ekuseni.
Lokhu kulandela ukuphothula kwawo ukuqeqeshelwa lo msebenzi emakolishi ehlukene.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa osabambile uSolwazi Firoz Cachalia noKhomishana wawo kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, bazoba yingxenye yokwamukelwa kwesibalo esikhulu sawo esingu-849, eSAPS Academy Bhisho e-Eastern Cape.
Izifundazwe ezifana neWestern Cape (Bishop Lavis), Eastern Cape (SAPS Academy Mthatha), North West (SAPS Academy Mankwe), KwaZulu-Natal (SAPS Academy Ulundi) naseGauteng (SAPS Academy Moloto), zizothola ingxenye yamaphoyisa.
Wonke lawa maphoyisa aqeda kuqeqeshwa kwi-Introductory Police Development Learning Programme (IPDLP).
Kuthiwa wonke aneziqu zeCriminology, Policing, Law, Forensic investigation nezinye.
Kuvela ukuthi azotshalwa eziteshini zamaphoyisa ezingu-30 ezihamba phambili ngezibalo zobugebengu obuyingozi eNingizimu Afrika yonke.
Related Topics: