UMREPHA u-AKA owadutshulwa wabulawa
Image: SIGCINIWE
UMBUSO ufuna bavikelwe ofakazi abengeziwe ecaleni lokubulawa kukamrepha uKiernan ''AKA'' Forbes.
Lokhu kuhlaluke izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi kuqhubeka icala. Lo mrepha wadutshulwa wabulawa ekanye nomngani wakhe uTebello ''Tibz'' Motsoane bengaphandle kwendawo yobumnandi iWish ekuFlorida esigamekweni esenzeka ngoFebhuwari 2023.
Ngemuva kwalokho bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela oMnuz Lindokuhle Mkhwanazi, Lindani Ndimande, Siyanda Myeza, Mziwethemba Gwabeni noLindokuhle Ndimande. Babekwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala.
Umshushisi u-Advocate Lawrence Gcaba, utshele inkantolo ukuthi ngeke bawadlulisele kwabamele abasolwa amagama abanye bofakazi kuleli cala. Uthe nezitatimende zabo ngeke bazidlulisele kubona. Lokhu uthe bakwenza ngaphansi kwesigaba u-144 obavumelayo ukuthi lokhu banegunya eligcwele lokuthi bangakwazi ukukwenza.
Kuvelile ukuthi ofakazi uMbuso ongafuni ukubadalula yilabo abazokwengezwa uma sekuqaliwe ukuqulwa kwecala.
Omunye wabameli babasolwa u-Advocate Jimmy Howase SC, ukuvezile enkantolo ukuthi udaba lwalabo fakazi kanye nezitatimende zabo uke walubhunga noMbuso.
IJaji uJacqueline Henriques walile ukuthi kube nempikiswano phakathi koMbuso nabameli babasolwa mayelana nalolu daba ekhala ngokuthi kukhona abezindaba. Kuvunyelwane ngokuthi icala liguqe lize libuye ngoJuni 19 ngonyaka ozayo, lapho kuzobe sekunesixazululo salokhu.
Kuvunyelwane nangokuthi izitatimende zalabo fakazi ziyodluliselwa kwabamele abasolwa sekusele amasonto ayisithupha ngaphambi kokuba kuqale ukuqulwa kwecala. Phambilini kuyona le nkantolo kwavela ukuthi bangu-45 ofakazi osekuqinisekisiwe ukuthi bazofakaza uma icala seliqulwa.
Related Topics: