Izindaba

Bashaqekile omakhelwane bebulala omunye bemgebenga imoto

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uMnuz Sibongakonke Sakhile Ngobese

Image: SITHUNYELWE

ISEYINDABA egudwini namanje eNsalabantu, KwaMaphumulo, eyomakhelwane okuthiwa bahlanganyele umakhelwane wabo, bambulala ngesando nange-screwdriver ngoLwesithathu olwedlule.

Kuthiwa isidumbu sikaMnuz Sibongakonke Sakhile Ngobese (25) wakule ndawo, sitholwe ngoLwesine emhosheni osezimobeni eKearsney, edume ngeleKheyizeni, ngaKwaDukuza.

Kuvela ukuthi ubephelile yisando ekhanda, kuthi entanyeni nasesifubeni embobombobo yi-screwdriver.

Isolezwe lithole ukuthi kubasolwa abathathu ababoshiwe, kukhona ababili abasafunda isikole. Lithole nokuthi kusekhona owesine osagcwele amathafa. 

Uyise kamufi, uMnuz Mshu Ngobese, elandisa ngesigameko uthe umufi obezisebenza ngokuthi athuthe izingane zesikole kanjalo nezasenkulisa, bamgcina ekhaya ngoLwesithathu ntambama.

“Kuthe ngezikhathi zantambama unina owayekhona ekhaya, wabona imoto yakhe idlula ishushuluza ngaphandle komuzi yayojoyina umgwaqo obheke KwaDukuza, uR74,” kusho uNgobese.

Uthe unina waqala lapho ukumfonela umufi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba ucingo kwakhe lwalukhala lungabanjwa.

Uveze ukuthi bebona kuhamba isikhathi, esinye isihlobo sathi akufakwe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuduke umufi nemoto yakhe.

“Akuphelanga nemizuzu engu-20, kwase kukhona abaphawulile ukuthi imoto isitholakele eThembeni, eGroutville, KwaDukuza. Kwaphoqa ukuthi uhlelo lwethu lokuyobika umuntu odukile emaphoyiseni aKwaMaphumulo lushintshe, sivele sinikele KwaDukuza, siyobheka umkhondo owase utholakele,” usho kanje.

Uthe nebala bathola ukuthi yiyo imoto yendodana yakhe eyase ibanjwa abezinhlaka eziqapha ubugebengu eThembeni, abasolwa bekhuluma into engahlangani.

Udalule ukuthi njengoba abezinhlaka bathi ukubathintathinta, balihlanza lonke iqiniso lokuthi umufi bambulala, base beyomlahla esimobeni.

“Baveza ukuthi babanjwa nje babesendleleni belibangise eThekwini lapho babeyodayisa khona imoto. Bagonyuluka nangokuthi indodana yami bayibulalela khona KwaMaphumulo, bathi ngesikhathi unina eyibona imoto idlula ngehubo ngaphandle komuzi, base bevele bembulele,” kulandisa uNgobese.

Uthe baveze ukuthi bambulele ngoba bebezama ukugqiba ubufakazi ngoba umufi bebemazi kakhulu.

Uqinisekise eyokuthi bebazana ngempela umufi nabasolwa.

“Yizingane lezi ezingomakhelwane futhi bebejwayelene kakhulu, nathi sesazi ukuthi zingabangani bakhe. Ngisho eba nendlela, ubeye acele eyodwa yazo ukuthi ayithathe imoto yakhe, imthathele izingane abezihambisa esikoleni nasenkulisa,” kusho uNgobese.

Uthe abasolwa bayizingane kunomufi, wathi omunye wabo uneminyaka engu-17 kanti usafunda isikole.

“Simuncu isimo, siphatheke kabi ngokubulawa kwengane yethu ebibazisa kakhulu abantu, ihlonipha, inomusa, ihlale izihlekela nje. Ngisho nasemphakathini, wonke umuntu umangele ukuthi igcine ibulawa ngesihluku esingaka,” kusho uNgobese. 

Uveze ukuthi ngisho nomunye wemindeni yabasolwa uze waphimisa amagama okuthi ngendlela esibi ngayo isigameko, bafisa sengathi bekungathi uma sekumi itende lomngcwabo kamufi, lime nasekhaya labo, kungcwatshwe omunye wabasolwa ngoba ingane yabo ikhathazile ngobugebengu.

Uthe umufi ubengesiyo ingane ehluphayo, kodwa ubethanda ukuzizamela, wathi ubeye amlekelele ngisho nangomsebenzi wokwakha njengoba yena (uyise) engumakhi. 

Uveze ukuthi  le moto ayibulawelwe, kwakungeyendodakazi yakhe eyashona engozini yomgwaqo ngo-2023, kwathi uma kusala imoto yayo, umufi wakhetha ukuqala umsebenzi wokuzisebenza ngayo, ehambisa izingane esikoleni nasenkulisa.

Uthe umphakathi ubathembise ukuthi uzoyomasha enkantolo uma abasolwa sebevela, uphikisane nokuthi badedelwe ngebheyili.

Siye koshicilela amaphoyisa engaphendulanga ngalesi sehlakalo.