Izindaba

Uzojoyina asolwa nabo oboshelwe elokubulala isikhulu sakwaPrasa

Zimbili Vilakazi|Published

Umsolwa, uMnuz Mthandeni Cele (24), kulindeleke ukuthi ajoyine amawele aseNgonyameni oMnuz Vukani noVukile Mchunu (35), ababoshwa ngoJulayi 27, 2025 noMnuz Sandile Sakhile Ngcobo (38), obingelele imantshi ngo-Agasti 4, 2025.

Image: Nomonde Zondi

ILIHLEHLISELE usuku lwanamhlanje icala iNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ukuze umsolwa oboshwe ngoLwesihlanu, ajoyine kahle abanye abathathu asolwa nabo ecaleni lokudubula, babulale owayeyisikhulu esiphezulu sakwaPassenger Rail Agency of South Africa (PRASA), KwaZulu-Natal.

Umsolwa, uMnuz Mthandeni Cele (24), kulindeleke ukuthi ajoyine amawele aseNgonyameni oMnuz Vukani noVukile Mchunu (35), ababoshwa ngoJulayi 27, 2025 noMnuz Sandile Sakhile Ngcobo (38), obingelele imantshi ngo-Agasti 4, 2025.

Bonke laba besilisa basolwa ngokudubula, babulale uMnuz Jacob Khoaele (53), ongowokuzalwa eLimpopo, owayeyisikhulu esiphezulu kwaPrasa kulesi sifundazwe (Regional Manager). Umufi wadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu engaphakathi emotweni yakhe emgwaqweni uShelbourne Avenue eLa Lucia, ebusuku ngoJanuwari 22, 2025.

UCele kuthiwa zimkhalele ngoLwesihlanu ngesikhathi eyovela eNkantolo yeMantshi yaseScottburgh, ngelinye icala elingahlobene naleli.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uphenyo lophiko lwamaphoyisa aphenya icala lokubulala nokuphanga, luholele ekutheni abaseshi bagasele kule nkantolo ngosuku aboshwe ngalo. 

Uthe uboshwa nje, ubeyovela ngecala lokugqekeza nelokuzama ukubulala okuthiwa wawenza ngoNovemba 2024, ngesikhathi edubula umnikazi womuzi eHibberdene, maqede wamphuca imoto.

Izolo enkantolo, emva kokuba efundelwe amalungelo akhe kanjalo namacala abhekene nawo, aveze ukuthi akawazi, iMantshi uMnuz Ashwin Singh, ithe icala ilihlehlisela usuku lwanamuhla ukuze umsolwa ajoyine ozakwabo kuleli cala.

Laba abathathu okuthiwa uzobajoyina, bebevele kule nkantolo ngoMsombuluko odlule, icala labo lahlehlela usuku lwanamuhla ukuze bafake isicelo sebheyili.

UNetshiunda utshele abezindaba ukuthi noNgcobo kukhona amanye amacala abhekene nawo ngale kwaleli.

Kuwona kuthiwa kukhona amathathu okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala okuthiwa wawenza ngesikhathi edubula, ebulala abantu abathathu ababesolwa ngecala lokubulala okuthiwa balenza eMsinsini ngo-2021. 

Kuthiwa laba abathathu badutshulwa babulawa bengaphakathi emotweni ababehamba ngayo eHibberdene, beqeda kuvela enkantolo ngoJuni 27, 2024, ngecala abalenza ngo-2021. 

Kulesi sehlakalo kuthiwa kwadubuleka nomunye umuntu wesine, owathelwa amachaphazelo ezidlulela. 

UNetshiunda udalule nokuthi amaphoyisa asaqhubeka nokubheka abanye abasolwa ababili okuthiwa babeyingxenye yokubulawa kukaKhoaele.