Abezicishamlilo bamatasa nokubhula umlilo ehhovisi lomnyango wezaseKhaya eGermiston eKurhuleni
Image: EMPD
Kusolwa ababhikishayo edolobheni laseKurhuleni ngokusha kwamahhovisi omnyango wezaseKhaya.
Yize ingacacile okwamanje inqikithi yombhikisho kodwa imigwaqo ephazamisekile uPresident street, Queen street kanye noJack street.
Ngokwesitatimende samaphoyisa kamasipala waseKurhuleni, kukholakala ukuthi ibhilidi loMnyango wezaseKhaya lishiswe ababhikishi.
Umxhumanisi wedolobha laseKurhuleni nabezindaba uWilliam Ntladi uthe imigwaqo eminingi ithintekile. UNtladi uthe bathole ucingo ngabo-8 ekuseni kubonakala ilangabi kuleli bholidi.
"Ibhilidi loMnyango wezaseKhaya liyangqongqa. Lesi yisakhiwo esinezitezi ezimbili njengamanje ingxenye ephezulu yilena evutha kakhulu, engezansi, sisalwela ukugqekeza siyobheka ukuthi kwenzakalani," kuqinisekisa uNtladi.
Uqhubeke wathi njengoba sebewunqobile umlilo, kuzophenywa ngembangela yawo.
Uthi ngeke aqinisekise ukuthi quale kanjani kodwa abakuzwile ngomanalapho wukuthi ababhikishi baphonse ibhomu likaphethiloli phezulu kuleli bholidi.
Njengamanje imigwaqo esondelene nale ndawo kanjalo namabhilidi aseduze kusavaliwe ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu.